Umlando Wesibongo Sakwa Magwaza

Abantu bakwaMagwaza baziwa ngezithakazelo zabo oNjinji, Manqondo noYengwayo. Batholakala eMthinemide eNkandla lapho kubusa khona iNkosi Mandlenkosi Magwaza eMelmoth naseMzinyathi, eNdwedwe. AbakwaMagwaza babaziwa ngabakwaMhlongo okwathi ngoba enye yamadodana akwaMhlongo imithise udadewabo yabizwa ngokuthi nguMagwaza ngoba igwaze ekhaya. UMagwaza wakhishwa emndenini wakwaMhlongo. UMagwaza uzale uLogoloza, uLogoloza uzale uNjinji, uNjinji uzale uMabhulubhense, uMabhulubhense uzale uSibude, uSibude uzale uYengwayo, … Read more

Umlando Wesibongo SakwaShezi

Umlando wesibongo sakwaShezi (amaChube) AmaChube yisizwe esinomlando obalulekile KwaZulu. Imvelaphi yabantu bakwaShezi iseNkandla ngoba ingxenye enkulu yalendawo kuhlanganisa nehlathi lakhona kungokwakaShezi. Bayisizwe asisiphe ngokwekhono ngoba babesebenza ngensimbi bakha amageja nemikhonto. Endaweni yaseNkandla kunentaba ebizwa ngokuthi kukaNomachi lapho lesizwe esasiphala amadwala bawancibilikise bese kuphuma insimbi ababenza ngayo lezinto ezibalwe ngenhla. Lokhu babengakwenzi bodwa babesebenzisana nesizwe sakwaWosiyana … Read more

Umlando Wesibongo SakwaShabalala

Contents 1 Umlando wabantu bakwaShabalala 2 Amakhosi akwaMshengu ngokulandelana kwawo: 3 Indlu kaChagwe ngokulandelana kwayo: 4 Indlu yesibili ekaMshukangubo ongumfowabo kaChagwe: 5 Indlu yesithathu ngeka Manovunga okudume ngokuthi yindlu kaNyamazane 6 Indlu yesine ngeyasebuMnyameni esePhatheni eRichmond maphakathi neKwaZulu Natal. 7 Izithakazelo zakwaMshengu Umlando wabantu bakwaShabalala Abantu bakwaMshengu baziwa ngokuthi ngaMaChagwe. OMshengu badume ngezithakazelo zabo OMavuso, … Read more

Umlando Wesibongo SakwaQwabe

Isibongo sakwaQwabe sivele egameni lenye yamadodana kaMalandela, uQwabe. UQwabe wayelanywa nguZulu okwenza imilando yabo ifane. Njengazo zonke izelamani kwaba khona ukungaboni ngaso linye ngokubhekwa kwemfuyo yasekhaya ngoba uQwabe wayekhonze kakhulu ukuzingela engenaso isikhathi sokubheka imfuyo nezinye izinto zomndeni, okwenza ukuthi izinto eziningi zomndeni zenziwe nguZulu owayemncane kunoQwabe. Ngenxa yalokhu uQwabe ushiyile ekhaya waya kozakhela umuzi … Read more

Umlando Wesibongo SakwaNtshangase

Umlando WakwaNtshangase Nezithakazelo zaboNtshangase! Menziwa! Nina bakaGala kaNodade Nin’ enibiya ngenkomo Abanye bebiya ngamahlahla Nin’ enasindis’ uZulu Ezobulawa yindlala ngoNandi Nina bakaSitambi kaMasiphula. Umlando wabo Abantu bakwaNtshangase bangama Ntungwa-Nguni baphuma KwaZulu endlini encane kaNdaba eyaziwa ngokuthi kuseGazini ngoba enkulu ngeyaseMqekwini. Baphuma kuNtshwankeni owabelamana noXhoko. Bangabantu ababodwa nabakwaBiyela. Bona bazibize ngoNtshangase baseMgazini nje yingoba uNtopho kaNtshwankeni … Read more

Umlando Wesibongo SakwaNtombela

Umlando wakwaNtombela Nezithakazelo zabo Mahlobo! Mpangazitha! Nin’ enipheka ngembiz’ ende Isibong’ esibi Esingabizwa ngabalandakazi Sisindi somtshiki Nin’ enishay’ impukane ngesibhakela Niyinqamul’ amathumbu Nina bakwaMalandela Nin’ enizal’ uZulu Nina bakwaDambuza Nina bakwaLuswazi Dlukula! Nzuza! Sishosho sikaPhunga noMageba. Umlando wabo Abantu bakwaNtombela baphuma kuNtombela ongumnewabo kaMalandela bezalwa nguLuzumane kaMnguni. ULuzumane ubenamadodana amaningi kuwo kubalwa, uMcineka, uMchunu, uKhanyile, … Read more