Umlando Nezithakazelo ZakwaMbatha
Izithakazelo zabo Shandu kaNdaba! Mageba! Wena kaSontshikazi. Owavimba ngezinkomo, abafokazana bevimba ngezihlahla. Magwaz’ ephindelela njengezulu. Shandu kangakanani Ngoba nasentendeni yesandla uyenela Ndabezitha! Manyosi kaDlekezele Owaqed’ intondolo yembuzi kusa Nina baseMaMbatheni Enabamb’ inyamazan’ engabambekiyo. Nina bakaGubuzel’ umuntu ngehhemu lakhe Nina besikhumba senkom’ enkulu Esabuya noMqubula KwaZulu Mgidi kaNkombana Mbeje! Dladla! Umlando Abantu baKwaMbatha baphuma esibongweni saKwaZulu, … Read more