Ubuhlobo phakathi kwabantu bakwaDuma noDlamini

Izithakazela ZakwaDuma
Duma, Lwandle!
Lulwandle aluwelwa, luwelwa zinkonjane
Zona zindiza phezulu
Mthomben’ osezansi kakhulu Mseleku!
Bagongoloz’ abaphekwa netshe
Kwavuthw’ itshe kwasala bona
Nina bakwaSigwayi sakwaMcuba
Nina bakwaMhanga wamila kumuntu
Baze bamsika ngesihembe
Nina bakwaNontshiza
Nina bakwaDlelanga

Umlando

Abantu bakwaDuma bakanye nabakwaMseleku nabakwaMaphumulo. Indabuko yabo ibakhomba ebantwini bakwaDlamini.
Umlando wabo siwususa lapho bakhe khona eHlimbithwa ngaseMgungundlovana. UDuma wafuduka nabantu bakhe ngenxa yempi ehambisana nabo abakubo kwaMseleku. Bona abakwaMseleku kwaze kwathiwa ngabakwaMseleku ngoba kwakuthi uma kubalekelwa izimpi, bona balibale ukuzidlela amaseleku (amasenene) ngasolwandle. Igama uMseleku ngelomuntu owaqanjwa lona, hhayi ngoba wayengumholi wabo kodwa livele emuva kwaleso sehlo.

Njengoba uDuma nabantu bakhe babesuka eHlimbithwa wayokwakha ezweni labantu bakwaDlamini ababebuswa yiNkosi Nombevu ngaleso sikhathi. Bahlalile lapho kodwa bagcina besukile sebeholwa yinkosi uDumisa eyaduma kakhulu ngobuqhawe nangokwazi ukwenza imikhonto nokuhlanganisa intelezi yezimpi.

Bake balwa nabakwaDlamini behlulwa abakwaDlamini. AbakwaDuma (Dumisa) bedlulela naseMpumalanga Koloni lapho bafika baba nobuhlobo, okuthe besuka abanye bakwa Duma basala sebezibiza ngabakwaDumisa owabe eyinkosi yabo, uDumisa kaMvenya (Mvenyana) kaMphangwa (Mpanga).

Bedlulele ngasemfuleni uMkhomazi belibhekise ngasolwandle beyobheka abafowabo bakwaMseleku. Babathola beholwa ngumfowabo uMseleku. Ufike khona bahlasela isizwe samaMpondo esabe siholwa nguQiko wakwaBele wasehlula, wagcina eseyidlile leyandawo yabo. Kunengxenye yamaKhuze eMpendle engaphansi kwabo abakwaDuma ekhona laphaya esikelana nabakwaZuma, indlu kaLugaju ebuswa yinkosi uSphiwe Zuma. Baze bathutha bayokwakha eNhlangwini e-Underberg ezintabeni zakoZondi.

Laphaya bafike bakhelana nabaThwa abagcina beganiselene nabo. Baxabana nabo ngoba omunye wabaThwa washaya iNkosi uDumisa ngenyama yendlovu eyayinezimpethu. Wasuka e-Underberg wayokwakha eMziniwezinto (Mzinto) yafika khona yakha umuzi wayo yawetha ngokuthi kuseZimpethwini Zendlovu. Inkosi uDumisa yaphila isikhathi eside yaze yabusa namadodana ayo. Elinye iqhawe eliphuma kaDumisa nguManembe owayeyinyanga.

Ngesikhathi iSilo sasOndini silwa nomfowabo uMntwana uMbuyazwe wathumela ukuba kuyolandwa uManembe nemithi yakhe ukuze aqinise impi yakhe. Kodwa abaphumelelanga ngoba bahlulwa. Nekuyilapho iSilo esambona khona uManembe. Kuthiwa uManembe wayelaphela emfuleni ohambayo eqala ngokubasa umlilo uma ucishile kwakusho ukuthi ngeke asinde lowomuntu.

Wagcina ethathwe isilo sasOndini ukuthi abe yinyanga yempi. Futhi wayezelaphela izingane zakhe okwathi noma eseyohlala esigodlweni wabatshela abantu ukuthi bangazilaphi ezakhe izingane okwenza ukuthi enye yamadodana akhe uNgulungulwana yagula bayiphuzisa umuthi kanti izoshona bayingcwaba bengamtshelanga ngakho ukuthi yalashwa ngomunye umuntu.

English Summary
History and clan praises of Duma people and their relation to Dlamini.

By: Mbusiswa Zuma
Reference: Ilanga Newspaper

Leave a Comment