Kuzomele Senze Njani?

Abalobi bomlando wezempi zakwantu bachaza ukuthi umculo wawudlala indima enkulu ekuqiniseni amabutho ukuba alungele impi. Yize namhlanje sezingekho izimpi, lowo mculo owawuculwa endulo uhleli ngokugamanxa esizweni sethu ukuba usikhumbuze lapho sivela khona. Elinye lamaculo adumile aphathelene nezimpi nokuhlasela ilelo elithi: Kuzomele Senze Njani? Le ngoma ke kumele kube nomuntu oyiholayo mase kuba nabavumi. Ngezansi siveza … Read more

Mphemba

IsiZulu sakithi sithi “ukuhamba ukubona”, nami ke ngingowokusuka Empangeni kwesaka Mthethwa ngizithole ngisenhlanhleni yokubuka ngiphinde ngilalele umkenenezo omtoti weziginci eThekwini endaweni yaseMkhumbane. Iziginci lezi belu bezidlalwa yinsizwa engisondelene nayo kakhulu uLangelihle Khanyile oke wadlala kwiqembu Amachopha esike sabhala ngayo kweminye yemibhalo yoLwazi Programme phambilini. Esishaya nje umfoka Ngwane uhambisana nensizwa esimnkatshubomvu kwezomculo ubaba uMphemba ohlala eMkhumbane. … Read more

Phind’ ukhulume Moya Oyingcwele

Ihubo elithi Phind’ Ukhulume Moya Oyingcwele lingelinye adume kakhulu iNingizimu Afrika yonke. Le ngoma ingomuntu onxenxa uMdali, emucela ukuba akhulume naye. Kuleli hubo umuntu uyazithoba kuMvelingqangi ngokuqonda indlela yakhe yonke iyazeka Esihlalweni sobukhosi, useyancenga-ke manje ufisa ukwazi ukuthi ngabe impilo yakhe izothatha yiphi indlela.   Ama-lyrics aleli hubo: Phind’ ukhulume Moya Oyingcwele Phind’ ukhulume Nkosi … Read more

Nandisa emgwaqweni

Ukuphefoma emgwaqeni okwaziwa ngokuthi i-street performance noma i-busking ngolwasemzini into ejwayelekile futhi endala kakhulu. Ngokuchaza kochwepheshe, iningi labantu abakhetha ukuvuka ekuseni, bashiye imindeni bangaloke bezibuza beziphendula ngesimo sezulu kodwa baphokophele ukuyoveza amakhono abo emigwaqeni basuke bedushwa ilukuluku lokubeka isinkwa etafuleni ukuze izingane zidle zihambe ziye esikoleni. Lena ingeyinye yezindlela abantu abazama ngayo ukuziphilisa esimweni somnotho … Read more

Iphimbo likaZoliswa Mchunu

UZoliswa Mchunu intokazi eyazalwa ngonyaka ngowe-1996 endaweni yaseHammarsdale, elokishini elibizwa ngokuthi iMpumalanga. Waqala ukucula esamncane, kanti ngonyaka ka-2009 wathola ithuba lokucula ne-George Cato Choir. Ngo-2015, wazihlanganisa neqembu lezobuciko i-Kusasa Lethu lapho athi khona wafunda okukhulu ngokucula, ukudansa nokudlala izinhlonhlobo zezinsimbi zomculo. Kulonyaka we-2017, wenza unyaka wakhe wesithathu kwi-BA Music eNyuvesi yaKwaZulu-Natali. Awuke ulalele izwi lale … Read more

Uyinkokhombela

Isizwe samaZulu saziwa siphinde sihlonishwe kakhulu ngoceba kosiko lwaso. Ezinye zezindlela lesi sizwe esiqinisekisa ngazo ukuqhubeka kolimi nosiko isekuhlabeleleni. AmaZulu ahlabelela kumnandi noma kukubi. Impela ingoma kwaZulu ivunywa kufiwe noma kujatshulwa. Kulendatshana sigqamisa elinye lamaculo elike liculwe uma kujatshulwa kumuliswa noma kuhlonyeliswa intombazane eziphathe kahle, futhi esazimisele nokuqhubeka ukwenza njalo. Lalela leli culo ogama lalo … Read more