Ibandla lesiZayoni lingelinye kwamakhulukazi eNingizimu Afrika. Kulenyanga siphosa iso emculweni wale bandla ngenhloso yokwandisa ulwazi kulabo abafisa ukuyiqonda kahle le nkonzo yamaZayoni. Sinemiqopho emibili equkethe umculo ovele kubalandeli balenkonzo.
Ngezansi sinomqopho esiwushicilelwe uMnu. Mxolisi Mkhwanazi oyilungu le-Amalgamation Mass Choir lapho becula khona ingoma ethi “Silwele”. Le ngoma iholwa nguMnu. Msa Luthuli elekelelwa nguMnu. Banele Dube noMnu. Mxolisi Mkhwanazi.
Le ngoma iqukethe amagama athi:
Mawungangilahli Embusweni Wakho Kodwa Mawusijabulise Ngenjabulo Yakho, Silwele.
The article contains audio-recordings of Mr. Spha Msa Luthuli, Mr. Banele Dube and Mr. Mxolisi Mkhwanazi where they lead a song titled Silwele. The Amalgamation Mass Choir (to which the aforementioned singers belong) is a Durban-based choir belonging to the Zionist Christian faith (no affiliation to Judaism). The title of the song, translated in English states: “Please do not forsake in your Kingdom, instead let us find joy in the glory of your Kingdom.”The recording has been provided by Mr. Mxolisi Mkhwanazi.