IFestival yeZakifo izoshisa izikhotha eThekwini

Kuzoshisa izikhotha ubumnandi eThekwini kusukela mhlaka 25 kuya ku-27 May 2018 emcimbini womculo odumile iZakifo Music Festival ozobe ukuleli dolobha ihlandla lesine.

Lo mcimbi uhlelelwe ukwenzeka eBAT Centre, eViews at Twenty5,  naseBlue Lagoon Beach okuyizindawo ezaziwa kakhulu eThekwini.

Lo mcimbi uzovula ngekhonsathi yokuqoqela imali iNelson Mandela Foundation eBAT Centre lapho khona umculi odumile wakuleli uSipho ‘Hotstix’ Mabuse ezoshintshisana ngenkundla nezinkakha ezinye zase-Afrika okubalwa kuzo uSekou Kouyate, umculi waseGuinea; u-Elida Almeida, waseCape Verde; kanye noDJ odumile wesiteshi i-5FM, uNick Hamman.

u-Aloe Blacc, omunye wabanandisi abalindeleke kwiZakifo Festival yakulonyaka

Kuzothi uma kuqedwa eBAT Centre, abathandi bomnandi bazoqoqelana eViews at Twenty5 lapho kuyojatshulwa khona ubusuku bonke boLwesihlanu kuze kufike ubusuku boMgqibelo.

Lapho ke kuzobe kunandisa uNasty C, DJ Lag, Flavia Coelho, Nathalie Natiembé, DJ Doowap, Oki Dub Ainu Band, K-$, Pussy Party kanye nabanye.

Umcimbi uzovala endaweni yokuphola iBlue Lagoon Beach lapho kuyobe kudayiswa izinhlonhlobo zezibiliboco zokudla neziphuzo ezibanda kamnandi. Lapha-ke kuzobe kunandisa isihlabani somhlaba u-Aloe Blacc owaziwa kakhulu ngamaculo athi ‘I Need a Dollar’ kanye nelithi ‘Wake Me Up’ . Uzobe ehamba nezinye izihlabani zamaciko okubalwa kuzo iDub Inc, Alice Phoebe Lou, Nakhane, Guy Buttery & Kanada Narahari, Femi Koya, Siseko Pame.

Engikushoyo nje ukuthi: Walala wasala!

 

 

 

Brief Overview

The above article talks about the Zakifo Music Festival. In its fourth annual instalment which will take place from 25 – 27 May 2018, the Festival promises a wide-ranging line-up of cutting-edge musicians from across the African continent and beyond. The festival is supported by the national Department of Arts & Culture, and the eThekwini Municipality, among others. Based on its promotional website, the festival aims to bring the world’s biggest international musicians to the region, with a diverse and eclectic program ranging from pop to reggae and world music as well as indigenous sounds from Africa and the Indian Ocean Islands.

Leave a Comment