Igama lika Mgqumeni

Uma kukhulunywa ngomculo kaMaskandi akekho ongalazi igama leqhawe uKhulekani “Mgqumeni” Mseleku, obeyinkosi yamaciko kaMaskandi ngaphambi kokuba edlule emhlabeni ngonyaka wezi 2009. Leliqhawe noma selaphangalala kodwa ke lisewundaba mlonyeni kubantu abazifela ngalomculo ngenxa yamagalelo alo, kanti ke okunye okwenza lensizwa ingapheli ematheni ubuqhawe bayo njengoba ithe ngisho isidlulile emhlabeni kodwa imisebenzi yayo yaqhubeka yabonakala njengoba izinsizwa … Read more

Khuphuka Nezakho

Kulenyanga kaLwezi bezibambene ngezihluthu kumculo kaMaskandi, kungongaphansi nongaphezulu kwimiqhudelwano ehlukahlukene. ULungelo Vilane ubeziqhathe phansi kumqhudelwano obizwa nge “Khuphuka Nezakho and Royal Traditional Music Awards”, okuwumncintiswano osungulwe yiyo lendoda nayo eyiciko likaMaskandi. Lomdlalo kaVilane unedumela kakhulu njengoba uma khona unyaka nonyaka eCurriesfountain kwelika Bhanana eThekwini, kanti ke maningi namaciko aba yingxenye yayo njengoba esuke eziveza kubalandeli … Read more

Iculo likaNkosazana Magogo

UNkosazana Magogo usomaciko owazalwa yiNkosi yakwaZulu uDinuzulu noNkosikazi Silomo, ngonyaka ka-1900. UNkosazana Magogo ngumama kasopolitiki uMntwana uMangosuthu Buthelezi. Abalobi bomlando bayibabaza kakhulu indima kaNkosazana Magogo kwezobuciko baseNingizimu Afrika. Wayaziwa kakhulu ngomculo nangezinkondlo. Ngokubika kwe-sahistory.org.za, kuthiwa uNkosazana Magogo ungumsunguli womculo wesintu kanti wayephiwe kakhulu ekushayeni isigubhu nesithintolo. Ngike ngaba nethuba-ke lokubuka nokuqopha uZawat Yemungu, umculi nomlandeli … Read more

Umncintiswano weLadysmith Black Mambazo

Iqembu lezika cothoza mfana elidume umhlaba wonke iLadysmith Black Mambazo ithathe igxathu elihle ekubuyiseni esizweni iphinde ifake isandla ekuthuthukisweni komculo wesintu isicathamiya. Lokhu ngikuphimisa ngoba leli qembu livule ngokusemthethweni isikhungo somculo wesicathamiya lapho bezobe behambela ezifundeni ezahlukene. Inhloso enkulu yalesikhungo ukuvundulula amaciko esicathamiya, kanti ke futhi nokugqamisa lomculo ebantwini. Lo mzungezo uqale ngomhlaka 12 kwephezulu … Read more

The Ndlovu Youth Choir

If you want to get your feet tapping this morning then do yourself a favour and watch the Ndlovu Youth Choir perform their version of Ed Sheeran’s, Shape of You. Sung predominantly in isiZulu, the choir’s take on the song features all of South Africa’s eleven official languages, as well as the skilful flute playing of … Read more

Amaculo adumile ezingane uma kudlalwa

Thina esakhululela emalokishini sivame ukuthi uma sikhumbula izinsuku zethu sisakhula, sicabange imidlalo esasiyidlala ebuntwaneni bethu. Ngisho lezo zikhathi lapho impilo yayisalula khona umuntu engavelelwe izindleko nezinkinga zobudala. Kulendatshana ngizoke ngilobe ngamaculo esasiwacula uma sizitika ngokwenama emigwaqweni kwazise phela sasingaxakwe zinkinga ezitheni, yize sasihlupheka kodwa lokho kwakungayona into eyayisidikibalisa igazi kakhulu ngoba iningi lethu laliphila impilo … Read more