Khuphuka Nezakho

Kulenyanga kaLwezi bezibambene ngezihluthu kumculo kaMaskandi, kungongaphansi nongaphezulu kwimiqhudelwano ehlukahlukene. ULungelo Vilane ubeziqhathe phansi kumqhudelwano obizwa nge “Khuphuka Nezakho and Royal Traditional Music Awards”, okuwumncintiswano osungulwe yiyo lendoda nayo eyiciko likaMaskandi. Lomdlalo kaVilane unedumela kakhulu njengoba uma khona unyaka nonyaka eCurriesfountain kwelika Bhanana eThekwini, kanti ke maningi namaciko aba yingxenye yayo njengoba esuke eziveza kubalandeli … Read more

Amaphikankani

Indawo yaKwaMashu idume njengelinye lamalokishi adume ngobugebengu nodlame oludlangile cishe iNingizimu Afrika yonke. Kepha lesithombe kasiphelele. Yize kuyiqiniso ukuthi indawo yakwaMashu – ebuye yaziwe ngokuthi ises’nqawunqawini – ikhungethwe yizinselelo eziningi eziphazamisa ukuphepha kwezakhamuzi zakhona, kuningi okuhle okungatholakala kubantu balelokishi. Kwazise phela ukuthi leli lokishi selike lakhiqhiza abantu abaningi abaziwayo kuleli okubalwa kubo uNgqongqoshe uJeff Radebe, … Read more

Ichalaha lika Shafuza

Sibhungile ngomlando weChalaha, ukudlula kwalo emhlabeni kanye namagalelo ayo lensizwa emculweni wakithi kaMaskandi esiwuthandayo. Kuleli khasi sifake umbukiso lapho leliqhawe lalidlala khona okukugcina emcimbini wakwa MTN obuse Curries Fountain Stadium, la ebeziqhathwe khona kunemikomelwa okuhlatshanwe ngayo. Lensizwa igulile futhi nawo lombukiso uyakukhombisa ukuthi insizwa ibisidunguzela njengoba yazitshelela yona izinkumbi zabalandeli ukuthi ibambekile. Okumele sikuncome ngalo … Read more

Iphasika

Iphasika Njengoba kuyinyanga yephasika nje, thina bathandi nabalandeli bomculo wesintu sidla siyanconcoza, sibenga kwenonile le! Njengoba lesikhathi sisho ukuthi amaciko ethu esiwathandayo akhipha amacwecwe awo omculo. Kulamaciko abesewukhululile vele umsebenzi wawo libe likhulu isasasa njengoba insizwa ehamba yodwa ngabalandeli okuwu Khuzani “Ndlamlenze” Mpungose ekhiphe unqombothi lwecwecwe elibizwa nge “Nhlinini Yoxolo” ingxenye yokuqala njengoba eyesibili iza … Read more

King of the Zulu Guitar

Blessed with an uncanny ability to play the guitar, and a tongue-in-cheek sense of humour, Madala Kunene, is undoubtedly one of KwaZulu-Natal’s most respected musicians, having played with the likes of the late Hugh Masekela and Busi Mhlongo. While Kunene dislikes the idea of labels, his sound is most often associated with mbaqanga or maskandi music, although with … Read more

Qhakaza Maskandi competition

Qhakaza Maskandi Umncintiswano weQhakazi Maskandi usungulwe insizwa esimnkantshu ‘bomvu emculweni wesintu kaMaskandi okunguKhangelani Mhlongo waseNquthu, odume ngelika ka-DSD endimeni yalomculo. Kulomncintiswano kuzoqhudelana abaculi baMaskandi noma amaqembu asafufusa abazozitholela ithuba lokuthi bahlomule ngemali eyizinkulungwane ezingamakhulu amabili (R200 000), futhi baphinde baqophe ngaphansi kwenkampani yakhe umfo kaNjomane okuyi Njomane’s Entertainment Empire. Lomncintiswano osezingeni eliphezulu kangaka ubanjwe yi … Read more