Qhakaza Maskandi
Umncintiswano weQhakazi Maskandi usungulwe insizwa esimnkantshu ‘bomvu emculweni wesintu kaMaskandi okunguKhangelani Mhlongo waseNquthu, odume ngelika ka-DSD endimeni yalomculo.
Kulomncintiswano kuzoqhudelana abaculi baMaskandi noma amaqembu asafufusa abazozitholela ithuba lokuthi bahlomule ngemali eyizinkulungwane ezingamakhulu amabili (R200 000), futhi baphinde baqophe ngaphansi kwenkampani yakhe umfo kaNjomane okuyi Njomane’s Entertainment Empire.
Lomncintiswano osezingeni eliphezulu kangaka ubanjwe yi Njomane’s Entertainment Empire ngokuhlanganyela ne Qhakaza Mzulu Empire okuzosiza kufeze iphupho lamaciko kaMaskandi lokuba abaculi abaseqhophelweni eliphezulu futhi badle ngobuciko babo.
Kulomqhudelwano kuzobe kukhona amajaji aseqophelweni eliphezulu abangamaciko ahlukahlukene kanye nabasakazi bemisakazo edumile okubalwa kulo Ukhozi FM okungumsakazo omkhulu ezwenikazi lase-Afrika.
Uhlu lwamajaji lume kanje. Kubasakazi boKhozi FM kukhona uNgizwe Mchunu, uMroza kanye noZim Dolla, okungabasakazi elaziwayo igalelo labo futhi abahlonishwayo kwezokusakazwa ngomoya. Omunye umsakazi ophinde abe yiciko elicikoza kuMaskandi uNomkelemane Langa ongumhleli aphinde abe ngumsakazi kuGubhu lwami okuwuhlelo lika mabonakude olutholaka njalo ntambama ku-261 1KZN ku-DSTV.
Amanye amaciko azobe angamajaji kulomqhudelwano kubalwa uMjikijelwa, iMfezi ‘mnyama, S’gwebo Sentambo kanye noQhosha Ngokwenzakwakhe. Lamaciko liyaziwa igalela lawo emculweni kaMaskandi futhi bangabaculi abadodile kulomculo, kanti ke umphathi wohlelo uSimphiwe Shembe ongusomahlaya owaziyo.
Okunye okubalulekile ngalo mncintiswano ukuthi kuzokhethwa amaciko angamashumi ayisihlanu azodlulela kumzuliswano olandelayo, mase isibalo sehliselwa kwishumi kuphela. Okuhle ukuthi kulaba abazoba kulelishumi bazohlomula ngomkomeliso wezinkulungwane eziyishumi (R10 000) ngeqembu noma iciko ngalinye. Lomcimbi uhlelwe ukuba ube ngomhlaka 24 kuNhlangulana 2017 eGoli. Amaqembu azoqhudelana kulomcimbi kumele akhokhe imali eyinkulungwane eyodwa (R1000) ukungenela lomqhudelwano. Eminye imininingwane ngalo mqhudelwano itholakala ku (https://www.qhakazacompetitions.co.za/).
Brief Overview
The Qhakaza Maskandi competition aims to empower traditional musicians with a platform to secure a record deal with Njomane’s Entertainment Empire. This competition will be held on June 24th in Johannesburg, in which radio presenters and other Maskandi musicians will be officiating the judging process during the competition.
The musical groups and or the musician who will make it to the top ten will win R10 000 and the group that will be crowned number one on the competition will walk with R 200 000 plus a record deal.

Siboniso Langa is a content generator, researcher and practising poet. His work focuses on Zulu oral and material culture, its promotion and preservation. He holds an Honours degree in Community and Development studies from the University of KwaZulu-Natal (UKZN).