Sibhungile ngomlando weChalaha, ukudlula kwalo emhlabeni kanye namagalelo ayo lensizwa emculweni wakithi kaMaskandi esiwuthandayo. Kuleli khasi sifake umbukiso lapho leliqhawe lalidlala khona okukugcina emcimbini wakwa MTN obuse Curries Fountain Stadium, la ebeziqhathwe khona kunemikomelwa okuhlatshanwe ngayo. Lensizwa igulile futhi nawo lombukiso uyakukhombisa ukuthi insizwa ibisidunguzela njengoba yazitshelela yona izinkumbi zabalandeli ukuthi ibambekile. Okumele sikuncome ngalo leliqhawe ukuthi noma kade esedunguzela kodwa ubengazibekile phansi njengoba eze nakulomcimbi noma ebona ukuthi akekho kahle emzimbeni. Namanje sisasho sithi Chalaha, uyibekile induku ebandla kulomculo wakithi.
Brief Overview
As we are paying tribute to our fallen hero in the uMaskandi music genre, namely Mjikijelwa Chalaha Ngubane, this video is fitting since it was the last time he appeared on stage after his prolonged illness with a lung disease. In this video he alludes to his illness while still showing his strength, as even though he is ailing he still performs for his fans. Rest in Peace to the King of Maskandi!

Siboniso Langa is a content generator, researcher and practising poet. His work focuses on Zulu oral and material culture, its promotion and preservation. He holds an Honours degree in Community and Development studies from the University of KwaZulu-Natal (UKZN).