Iphasika

Iphasika

Njengoba kuyinyanga yephasika nje, thina bathandi nabalandeli bomculo wesintu sidla siyanconcoza, sibenga kwenonile le! Njengoba lesikhathi sisho ukuthi amaciko ethu esiwathandayo akhipha amacwecwe awo omculo. Kulamaciko abesewukhululile vele umsebenzi wawo libe likhulu isasasa njengoba insizwa ehamba yodwa ngabalandeli okuwu Khuzani “Ndlamlenze” Mpungose ekhiphe unqombothi lwecwecwe elibizwa nge “Nhlinini Yoxolo” ingxenye yokuqala njengoba eyesibili iza nje. Kanti ke nembangi yakhe enkulu umfoka Mpungose okuwu Dlubheke “Minister” Khuzwayo ishaye emhloleni ngecwecwe elikhiphile nayo elinezingoma ezilumelayo ezigadla kuye uKhuzani. Thina ke bathandi balomculo uMaskandi sijabule izinhliziyo ziphuma ngomlomo ngendlela obumuhle ngayo umsebenzi wala maciko omabili njengoba bebungazwe yizwe lonke futhi namacwecwe abo bewathokozele abantu.

Omunye umculi olindelwe ngamehlo abomvu umsebenzi wakhe noma icwecwe lakhe, uKhangelani DSD Mhlongo oneqembu elaziwa kakhulu Osaziwayo. Okuhlukile kulokhu ngomsebenzi walensizwa ukuthi uzobe ekhipha icwecwe ngaphansi kwenkampani yakhe ebizwa ngeNjomane Empire kanti ke kuleli cwecwe uzibiza ngegama lakhe uKhangelani Mhlongo, kanti isihloko secwecwe akazolikhipha sibizwa ngokuthi i “Clairvoyant”. Sithe ake sikuthi fahla ngezithombe ezithathwe e-Workshop eThekwini ngalenkathi Indlamlenze izobona abalandeli bayo kanye nezika Dlubheke ngelanga lokukhululwa kwecwecwe obekubungazwe izinkumbi zabantu.

Izihlwele ebezizombungaza uDlubheke elethe icwecwe lakhe e-Workshop eThekwini.

 

Izinkumbi zabalandeli baka Khuzani Mpungose zizobona iqhawe lazo e-Workshop eThekwini.

 

Brief Overview

The frenzy of Easter holidays is always abuzz to us Maskandi fanatics as we eagerly wait for anticipated albums of our favourite musicians. And this past week was no different as Indlamlenze released his much anticipated album entitled “Inhlinini Yoxolo”, which received tremendous support across the country. The release of Dlubheke’s album also geared much celebration across the country due to his much-loved music. This articles shows some of the pictures that were taken where both of these artists’ projects were released.

Leave a Reply