Minenhle Ngubane

Kulenyanga yamagugu esizwe, ngithe akengihlube udlub’ekhasini ngilobe ngamanye amagugu esizwe sethu. Ubuciko nobugagu yinto esizalwa nayo, okuyinto abanye bethu abangayifundelanga esikoleni njengezinye zeziqu ezifundelwayo. Kuleli khasi siloba ngentokazi esencane kodwa esidodile ngemisebenzi yayo kwezobuciko, lentokazi kungabuye kube ubani ngaphandle kuka Minenhle Ngubane. Leliciko elingumsakazi womsakazo obizwa ngokuthi yi Ean Touch Radio Station lizalwa eGreytown nokuyila efunde … Read more

Ichalaha lika Shafuza

Sibhungile ngomlando weChalaha, ukudlula kwalo emhlabeni kanye namagalelo ayo lensizwa emculweni wakithi kaMaskandi esiwuthandayo. Kuleli khasi sifake umbukiso lapho leliqhawe lalidlala khona okukugcina emcimbini wakwa MTN obuse Curries Fountain Stadium, la ebeziqhathwe khona kunemikomelwa okuhlatshanwe ngayo. Lensizwa igulile futhi nawo lombukiso uyakukhombisa ukuthi insizwa ibisidunguzela njengoba yazitshelela yona izinkumbi zabalandeli ukuthi ibambekile. Okumele sikuncome ngalo … Read more

Inun’ Emnyama II

Sisekuyo lendaba kaSomahhashi, kuhle sikuveze ukuthi ukudlula kwakhe emhlabeni kuhlabe kwaphukela kuthina balandeli bomculo wesintu, nosekusenze salahlekelwa yithemba thina balandeli balomculo futhi kwacacisa bha! ukuthi kushuthi alikho iciko lalomculo elizogugela kuwona njengoba engasabaleki amaciko akithi asendile singakashayi isikhathi. Njengoba nensizwa eyasebenza kakhulu noMbomvu uMgqumeni naye washeshe wasishiya emhlabeni. Inun’ Emnyama igqame emculweni kaMaskandi isebenzisana nensizwa … Read more

Inunu Emnyama

Ukuphuma kwelanga ekuseni kuveza ubuhle bezwe, kukhala izinyoni zitshikoza, ziculela ukubona ubuhle bezwe, kwename namathole etshakadula, kanti ke nathi thina bantu sithokozela ukubungaza impilo ngobumnandi bayo kanye nesilethela khona. Kodwa ke futhi ukusa akugcini ngokuphuma kwelanga, ngoba siyavuka ekuseni izulu lidinwe liveva, libafazi bedube inyama. Injabulo yokuphuma kwelanga iphikiswa izinyembezi ezifika nokuduma kwezulu, kuqhume isililo … Read more

Ukufihlwa kwe Chalaha

Njengoba sazi ukuthi sisebumnyameni ngokushiywa yiqhawe inkosi yomaskandi uMjikijelwa Ngubane, izinhlelo zokutshalwa kwakhe ziqalile, kanti ke nomlindelo nawo isiphumile imininingwane mayelana nawo. UMjikijelwa Sibongiseni Robert Ngubane uzofihlwa kwaMaphumulo kwaJikijiki ngesabatha mhla zingu 2 June 2018 ekhaya kubo, la akayobekwa khona endlini yakhe yokugcina. Imininingwane ngomlindelo walensizwa ime kanje: ngezi 31 May 2018 imlindelo izobanjelwa ezindaweni … Read more