Ukusetshenziswa Kwamanzi

Kuqala abantu babephila ngezinto eziyimvelo ngoba zazingekho izitolo nezindawo lapho babengathenga khona izinto ezazingabasiza baphile. Imvelo into oyifica lapha emhlabeni eyadalwa uNkulunkulu, isetshenziswa yinoma ngubani futhi ayikhokhelwa. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi izinto zashintsha ngoba kuningi okukhokhelwayo. Bathi abantu abadala babengazi ukuthi kuyofika isikhathi lapho bekhokhela khona amanzi nokuqala ukubasa umlilo sekwaba yimali ukukhanyisa endlini sekwaba yimali. … Read more

Ukukanywa kwemingcele phakathi komakhelwane behlala esigodini esisodwa

Iningi labantu uma ungalibuza ngokuthi yini umngcele futhi wakheka kanjani iningi labo lingakutshela ukuthi yilapho kusuke kuhlukana khona izindawo ezimbili ezakhelene. Futhi wenzelwa nokuthi kubelula nokuhlukaniseka kwabantu abakhele indawo eyodwa. Impela lokhu okungenhla kuyiqiniso elingephikiswe kodwa abantu abanye abangakwazi ukuthi ezikhathini zakudala umngcele wawenziwa phakathi komakhelwane bakhelene ngenxa yezingxabano ezivelayo ekuphileni. Namuhla sizogxila kakhulu kulokho … Read more

Ukujojwa Komuntu Owonile Endaweni

Ukujojwa komuntu othakatha ngemfene endaweni Ngibe nengxoxo noNkosikazi Nomusa Maphumulo ohlala endaweni yaseNanda owafika khona ngomsebenzi. Unengane eyodwa kanye nomzukulu oyedwa, wazalelwa endaweni yakaMaphumulo. UNomusa ungixoxele indaba ngokujojwa komuntu uma ebanjwe ethakatha endaweni. Ukujojwa ukudingiswa noma ukuxoshwa komuntu othakathayo endaweni. Kuqala uma umuntu ethakatha wayevamise ukuthi asebenzise imfene kanti namanje basayisebenzisa. Wayeba nemithi yokuthi umuntu … Read more

Ukubaluleka Kwenhlambuluko Ebantwini

Kungabe abantu bayakholelwa yini kwinhlambuluko, ikakhulukazi uma umuntu esezoshona? Abantu abaningi bakholelwa ukuthi uma umuntu esegule kakhulu sekubona ukuthi ngeke asabangcono inhlambuluko iyamkhulula umuntu ukuthi adlule kahle emhlabeni noma iyamkhulula. Kodwa lento yokuthi umuntu uyahlambuluka kwakuvamise ukuthi kwenzeke noma kwenziwe ngabantu abenza imisebenzi emibi. Imisebenzi emibi efana nokuthi uma umuntu ethakatha noma abantu bengenzanga lutho … Read more

Uhlanga Lokuthakatha

Umkhulu Makhathini wazalwa ngo 1933 ezalelwa KwaZulu. Ngenxa yokufuna ukusondelana nomsebenzi wase akha endaweni yaseNkanyezini, kwaXimba esebenzela edolobheni laseThekwini. Usixoxela ngendaba yabantu abathakathayo noma labo okuthiwa banohlanga lokuthakatha ukuthi lutholakala kanjani nangendaba eyenzeka ngakubo esakhula. Umuntu owaziwa ngomthakathi kungaba owesifazane noma owesilisa, futhi azikho izimpawu ababonakala ngazo, ngesinye isikhathi umuntu anukwe ngoba abantu bebona ukuba … Read more

Nontethelelo Makhanya Family History

Umndeni wakwa Makhanya wawuhlala Emzumbe ezansi neKwaZulu Natal. Kwakuhlala ugogo uMathangetshitshi ezalwa nguBacijile. UBacijile ezalwa ngu Ntombizoyophuza. Wasukaka lapho wazohlala kwaMaphumulo lapho kwakuhlala uBawinile ezalwa ngu Gujana ezalwa nguNtombizabanguni. Basuka lapho bazohlala eMbumbulu. Basukela eMzumbe ngenhloso yokuba bakwazi ukuzothola imisebenzi emadolobheni. Bayithola imisebenzi oMathangetshitshi benoSgujana besebenza eThekwini enkampanini enkulu. Phela lezelamani zazifundile ikhona okwaba lula … Read more