Ukubaluleka Kwenhlambuluko Ebantwini

Kungabe abantu bayakholelwa yini kwinhlambuluko, ikakhulukazi uma umuntu esezoshona?

Abantu abaningi bakholelwa ukuthi uma umuntu esegule kakhulu sekubona ukuthi ngeke asabangcono inhlambuluko iyamkhulula umuntu ukuthi adlule kahle emhlabeni noma iyamkhulula. Kodwa lento yokuthi umuntu uyahlambuluka kwakuvamise ukuthi kwenzeke noma kwenziwe ngabantu abenza imisebenzi emibi.

Imisebenzi emibi efana nokuthi uma umuntu ethakatha noma abantu bengenzanga lutho kuyena ebabulala. Kuthiwa kwesinye isikhathi uqala ngokuhhema ezwakale ebiza amagama abantu abangasekho emhlabeni. Abomndeni bavamise ukuthi uma umuntu esehhema bamvalele ukuze abantu bengeke bezwe ukuthi kukhona into ayishoyo noma uyahlambuluka. Kodwa isikhathi esiningi lowomuntu osuke egula efuna ukuhlambuluka akavamisile ukuthi ahambe emhlabeni lento afuna ukuyisho engakayisho, uhlala kanjalo isikhathi eside egula. Mhlawumbe omunye uma ngabe ebekholwa uyakwazi ukubiza umfundisi kanye namakholwa ahlambuluke kuyena yonke imisebenzi yakhe emibi kade eyenza kubantu.

Uma ngabe kukhona abantu ababulalayo uzobasho ukuthi ngobani. Bathi abakuqala babethi uma behlambuluka ukuthi ubethakatha wayekhipha ngisho amagama abantu abethakatha nabo. Uma kuzwakala ukuthi kukhona abanye abekade ethakatha nabo abasaphila babedingiswa kuqala endaweni. Kodwa manje sekuvamise ukuthi umuntu azihlambulukle elakhe icala. Angakhiphi magama abantu ngaleso sikhathi umuntu uyaphuma umphefumulo ahambe emhlabeni. Kuyenzeka omunye avele asinde angabe esagula ngemuva kwenhlambuluko.

Kuthiwa kuqala uma umuntu esezohamba emhlabeni kukhona into emphethe kabi kwakubalulekile ukuthi ahlambuluke ukuze ahambe kahle kungekho lutho oluzomvimbela. Bathi lokhu kwakumsiza kakhulu lowo muntu ukuthi angabuyi abe umuncwi nokuthi abuye afune inhlambuko. Ngoba lokhu kwakuholela ekutheni uma umuntu esefuna inhlambuluko engasekho kwakufanele ukuthi umndeni uhlabe imbuzi. Abantu abaningi bayakholelwa kwinhlambuluko ukuthi umuntu kumele ayenze uma esaphila. Kanti enye umuntu uyayenza uma wake waxabana nawe uma esezohamba uyahlambuluka ukuze angavimbeleki endleleni yakhe.

Kunomzekelo owake wenzeka. Umama owaye kade esonta engumkhokheli uthe esezohamba emhlabeni waqala wahhema izingane zakhe zamvalela ukuthi angabonwa muntu endlini. Uma kwenzekile wafika umuntu efuna ukumbona, zaziba khona ukuze zizomgada ukuthi uthini. Kuthe ngelinye ilanga wacela amakholwa ukuthi afike ukuzombona. Nangempela eza amakholwa ukuzobona umkhokheli wabo kukhona ngisho umfundisi wakhe. Wabachazela ukuthi uyagula ucela ukuhlambuluka wakhipha wonke amagama abantu ababulalayo. Waxolisa wathi useyahamba bekuyilokho ebekumvimbile ukuthi angahambi emhlabeni. Wahamba emhlabeni kodwa kubantu kwaba kubi kakhulu. Isifundo kulomzekelo ukuthi lowo owenza okubi yena unembeza wakhe usukhululekile futhi uhlanzekile kanye nokuthi inhlambuluko ibalulekile kakhulu.

English Summary
The importance of coming clean after doing bad things is regarded as one of the things that will set someone’s spirit free. Most people come clean after a long illness and for some when they are on their death bed. Not all of them die after coming clean, some get better – such that they are chased out of their communities because of what they have done. A lesson to be learned from coming clean is that one’s conscious is clear and they would not be coming back as ghosts to make things right, but for those who are left behind or still alive it can cause hatred because of what has come to light.

By: Nqobile Mdabe
Sources: Mama Mary Matengwa and Baba Mancane Mchunu

Leave a Comment