Iningi labantu uma ungalibuza ngokuthi yini umngcele futhi wakheka kanjani iningi labo lingakutshela ukuthi yilapho kusuke kuhlukana khona izindawo ezimbili ezakhelene. Futhi wenzelwa nokuthi kubelula nokuhlukaniseka kwabantu abakhele indawo eyodwa. Impela lokhu okungenhla kuyiqiniso elingephikiswe kodwa abantu abanye abangakwazi ukuthi ezikhathini zakudala umngcele wawenziwa phakathi komakhelwane bakhelene ngenxa yezingxabano ezivelayo ekuphileni. Namuhla sizogxila kakhulu kulokho ukuthi kwakwenziwa yini futhi ngubani owayenelungelo lokukama lomngcele na?
Isikhathi esiningi lokukanywa komngcele emphakathini owodwa wawenziwa noma wawuvumeleke ebantwini abangazalani noma abangezona izihlobo zegazi. Ekuphileni kwabantu kubakhona izikhathi lapho kungabonwa ngaso linye, okunye kuze kudlulele kutholakale omakhelwane bengasangenelani kwasanhlobo. Kwakugqugquzelwa ukuthi abantu abaxoxisane bathole isixazululo ikakhulukazi uma bezalana ngoba babedingana labobantu. Kodwa uma sekubonakala ukuthi isimo sibi kakhulu kwakukanywa umngcele.
Kuthiwa ezikhathini zakudala abantu babenenzondo kakhulu uma kuke kwabakhona ukungazwani abantu babeba yizitha bakhelene, bangangenelani ngisho nesizukulwane sabo sikhule siyazi indaba eyenzeka phakathi kokhokho babo nabo baqhubeke lapho. Ngisho abantu abasendaweni babazi ukuthi imizi yakwabani ayingenelani.
Umsebenzi wezinduna
Njengoba kwaziwa ukuthi ezindaweni zasemakhaya uma kukhona ingxabano abantu babebika konkosi noma enduneni yesigodi bese liyaqulwa icala labo kuhlawuliswe otholakala enecala. Kwakuba khona izimo lapho izinduna zazizithola khona sekufanele zingenelele zithathe isinqumo sokuthi akukanywe imingcele noma ngabe icala lelo selaqulwa wahlawula ohlawulayo ngoba basaqhubeka nokuxabana labo ababandakanyekayo.
Kuthiwa induna yenkosi yayifika ibize zombili izinhlangothi ezithintekayo uma isizohlukanise indawo njengokuthi kufanele umuntu alime agcine kuphi, nokuthi kufanele umndeni ngamunye uhambe ugcine kuphi ukusondela kamakhelwane othintekayo. Uma sekufike kulesimo esifana nalesi kwakufanele nakanjani bayihloniphe lemithetho ngoba ongayilandeli wayengazithola esesuswa endaweni yakhe.
Umthelela walesimo
Kuthiwa ezikhathini zakudala umuthi wawusetshenziswa kakhulu, hhayi ngoba abantu bezelapha kuphela kodwa futhi babelwa nangawo njengokudlisana, kubekelwane imeqo njalonjalo. Yingalesizathu lapho ngisho izingane zazikhula zingayi kwamakhelwane ngoba kwakwaziwa ukuthi amagqubu asakhona abantu bangenza noma yini ukuzwisa abanye ubuhlungu. Ezinganeni ezisakhula lokhu kwakuba kubi, ikakhulukazi uma zisafunda ngoba lempi noma ukungezwani kwabazali kwakuqhubekela nalapho kuhlangana khona izingane njengasesikoleni, ekwaluseni, emaceceni njalonjalo, zingakwazi ukuthi zidlale ndawonye. Kwakuphoqeleka ukuthi oyedwa phakathi kwabo angakwazi ukuhlala endaweni leyo. Uma kwenzekile umuntu watholakala eqile emngceleni obekiwe wayebanjwa ashawele ukufa nokuphila.
Esikhathini sanamuhla
Noma kusekhona ukungaboni ngaso linye phakathi komakhelwane kodwa bayazama ukuthi babonisane sidlule lesosimo. Bayazi ukuthi kubalulekile ukuzwana nomakhelwane wakho ngoba izikhathi azifani namuhla abantu sebeyasebenza bahambe isikhathi eside bengekho emakhaya abo ithemba balibeka komakhelwane ukuthi bababhekele imizi yabo. Abanye bathi yingoba iningi labantu banamuhla sebengamakholwa futhi bayagqugquzelwa nayizimfundiso zebandla ukuxolela, abanye baveze nokuthi nokufunda kusizile kakhulu kwanika abantu amakhono okuxoxisana.
English Summary
There were situations in the old days where a traditional leader would be forced to set boundaries between two neighbours who are constantly fighting in the community. This was done after all measures have been tried and are not working. A representative of the chief (induna) would visit both families and call them for a meeting outside their homesteads where he would set a boundary that each family should not cross. This practice was done when the two families are not related by blood, if so they were encouraged to work out their differences. Even children would grow up knowing that they should never go to their neighbour’s house in case one of the concerned sides get a chance of hurting the other using traditional muthi for poisoning etc.
By: Nqobile Mdabe
Sources: Zefaniye Ngwazi and Makhosazana Mdabe