Ukujojwa komuntu othakatha ngemfene endaweni
Ngibe nengxoxo noNkosikazi Nomusa Maphumulo ohlala endaweni yaseNanda owafika khona ngomsebenzi. Unengane eyodwa kanye nomzukulu oyedwa, wazalelwa endaweni yakaMaphumulo. UNomusa ungixoxele indaba ngokujojwa komuntu uma ebanjwe ethakatha endaweni. Ukujojwa ukudingiswa noma ukuxoshwa komuntu othakathayo endaweni. Kuqala uma umuntu ethakatha wayevamise ukuthi asebenzise imfene kanti namanje basayisebenzisa. Wayeba nemithi yokuthi umuntu olele angasoli noma angezwa ukuthi kunomuntu ohambayo egcekeni. Uthi uma uphuma ungakwazi ukuthi umbambe kuba khona imithi abeyi sebenzisayo abathakathi. Uma uthi ufuna ukumbamba ashibilike esandleni sakho. Kodwa abanye bavamise ukuthi bathumele izilwane zabo ziyothakatha. Abantu bakuqala babeyazi ukuthi imfene iyayizithanda izinsipho zotshwala bazozichela egcekeni naphezu kwendlu.
Ukucushwa kwemfene
Kuzolalwa kungalelwe uma imfene yakho befuna ukuyibamba abantu bendawo. Kuzocushwa izinsipho ize idakwe bayibambe iyiswe konkosi ukuyobika ukuthi babambe imfene ekubukeke engathi ibithakatha futhi ibuwuhlupho. Inkosi ekuseni izobiza wonke umuntu ohlala kuleso sigodi. Bonke abantu bazohamba beye enkosini ukuyozwa ukuthi inkosi ithini. Bazothi befika abantu inkosi ibabekele ukuthi kubanjwe imfene manje umnikazi wayo akaziwa ukuthi ubani. Izothathwa imfene ibulawe ithi uma isivuthiwe kusikwe amaqatha amancane kusikelwa wonke umuntu. Banikwe bonke abantu iqatha kugadwe kungabi khona namunye umuntu ongeke alidle. Umnikazi wayo imfene uma ekhona uzokubonakala ngombala. Uzothi uyalilahla iqatha lemfene yakhe abindwe lime emphinjeni lingehli. Uzobe esebonakala ngombala ukuthi nangu umuntu obethakatha ngemfene.
Isigwebo
Uzoshawa lapho ngabantu baleso sigodi. Kuzothi uma sebemshayile inkosi ithi makajoje kulesisigodi, uzojojwa kanye nomndeni wakhe. Omunye umthakathi ithi inkosi ibiza abantu usuke esakwazi ukuthi babizelwani konkosi. Usuke esegqabe ngayo yonke imithi ukuthi nje uma ebanjwa nikwazi ukuthi nimxolele. Ngempela inkosi yayimxolela ngandlela thizeni. Imfene isilwane esihlakaniphile, uma usitshela into iyenza injengoba injalo. Abantu emakhaya abafuyile babevamise ukuthi izinkomo zingene ntambama kusakhanya ngoba imfene izongena nazo egcekeni ize iye esibayeni. Umthakathi wayeyifundisa ukuthi uma izinkomo zingena ebusuku kulowo muzi ayoma ngase sangweni igade. Yayima ke imfene ngase sangweni ilinde lezi zinkomo ezingena ebusuku iyongena kanye nazo, ngeke ibonakale ngoba izoba phakathi kwazo. Abantu base bethi izinkomo mazingene ntambama kusakhanya.
Nqobile Mdabe