Ukulusa
Ngingu Tu Gwala ngazalwa ngo 1935 ngizalelwa endaweni yaseMalangeni eHammarsdale. Ngizalwa umaZungu, ngikhulele khona ngafunda khona amabanga aphansi ngaze ngafika ebangeni lesithupha ngasengiphuma ngiyosebenza emafemini akhona eHammarsdale. Ekwaluseni Ubaba ubesebenza kaloliwe, umama egada ekhaya thina sisesikoleni. Ekhaya bekufuyiwe kakhulu izinkomo, izimbuzi, izinkukhu, amakewu neziklabhu. Kudala bewungena esikoleni usukhulile kakhulu. Ngesikhathi ungakakulungeli ukuya esikoleni ubulusa izinkomo. … Read more