Izinja ezifuywa ekhaya zihlukene kabili, kukhona izinja ezifuyelwa ukuzingela nezifuyelwa ukugada emakhaya kodwa zombili lezizinhlobo zezinja azexwayani ziyakwazi ukuhlala ndawonye.
Izinja Zokuzingela
Izinja zokuzingela ezibizwa ngokuthi amabhansi zona umsebenzi wazo ukuzingela kuphela. Lezizinja zitholakala ngokuthi ozifunayo azithenge kulabobantu abazifuyile, baye bathenge umdlwane bese bezikhulisela wona. Umdlwane webhansi ubiza amashumi amabili opondo nopondo abayisihlanu, kanti ubonakala ngokuba nomsila omude ukuthi uyibhansi, uma usukhulile uba inja ende enesisu esincane kanti futhi ayikhuluphali. Ibhansi liyagijima kakhulu okuyikona okwenza kubelula ukubamba izinyamazane futhi nomninilo uyalifundisa ukuzingela.
Izinja Ezigada Emakhaya
Izinja ezigada umuzi ziyathengwa kulabo abasuke benazo, nazo zisuke ziseyimidlwane kodwa esuke isiqinaqinile. Ziyakhuliswa ngendlela efanayo neyamabhansi. Zona zikhula zibe nomzimba futhi azibi zinde kakhulu njengamabhansi, umsebenzi wazo ukugada umuzi ukuze lowomuzi ube nesithunzi kungacanasi noma ubani. Uma kukhona ezikubonayo ziyakhonkotha ukuqwashisa abasuke bengaphakathi bengaboni lutho olwenzekayo emnyango. Uma kukhona ozongena kulowomuzi uzwa ngazo sezikhonkotha kuze kudingeke ukuthi kuphume umuntu wakulowomuzi azozikhuza ukuze zingamlumi umuntu ozongena.
Ukudla Ezikudlayo
Izinja azikhethi kudla zidla lokho ezisuke zikhule zikudla inqobo nje uma kunenyama. Kuyenzeka uma umninizo enawo amandla azithengele namakhekhe azo. Izinja ziyaluthanda uphuthu kanye nenyama, abanye bazithengela usadasi namathambo. Usadasi imvuthu esala ezilaheni uma kukade kusikwa inyama bese uyaqoqwa ufakwe emaphepheni uthengiselwe labo abafuye izinja. Kubalulekile ukuthi izinja ziphiwe ukudla okungenani kabili ngelanga ukuze ugweme ukuthi zingayi kodla emazaleni abantu okungenza zigcine sezigula.
Izinja zidinga ukunakekelwa ngoba kwesinye isikhathi ziba nezifo ezinjengamarabi, idulusha (ukukhwehlela nokuhefuzela) kanye nezikelemu. Izinja kufanele zigonywe ukuze zivikeleke emagciwaneni adala ukuthi zibe namarabi ngoba inja enamarabi iyingozi emphakathini kanye nakumniniyo okungaholela ekutheni aboshwe. Izinja ziyagonywa kanye ngonyaka kodwa abanikazi bazo abaneliseki ngoba unyaka yisikhathi eside, bafisa ukuthi zigonywe njalo ukuze zihlale ziphephile emagciwaneni.
Inja uma iphethwe izikelemu ilashwa ngamaphilisi okuthiwa amaBobmartin atholakala emakhemesi ezilwane. Lamaphilisi abulala izinhlobo ezintathu zezikelemu okuyiroundworm, hookworm, kanyenetakeworm. Izinja zibuye ziphathwe umnqantulo okuyisifo esidala ukuthi inja ingadli. Kusuke kunomsipha omilile ngaphansi kolimi, lowomsipha uyakhishwa ukuze inja ikwazi ukudla. Izinja ziyizilwane ezinothando futhi ezikujabulelayo ukuba namakhaya azinakekelayo.
By: Zanele Shange
Ngibonga ulwazi engiluthole lapha. Lube wusizo kakhulu.
Kubonga thina!
Ulwazi Programme
Inja yami ayifuni ukudla futhi ikhathele hlezi ilele