Njengoba imvunulo siyihlukanise ngezigaba nangobukhulu komuntu, bese kubekiwe ukuthi umkhapheyana ugqokani. La esikubeke kwasobala ukuthi ugqoka ibheshu, elihambisana nesinene kanye nobuhlalu uma eseqonyiwe. Lana ke sizosika ekhasini ngokuhloba noma ukuvunula kwendoda noma usokhaya.
Indoda lena yinsizwa esiganiwe yashayelwa udwendwe. Ngokwesimanje yinsizwa esishadelwe lena. Insizwa esigidelwe ibihlonishwa ngokuthi indoda ngoba usedodile ngokuthi aganwe, okuyisikhawu sokukhula.
Indoda ibhinca ibheshu uma izihlalele ekhaya inethezekile, ibheshu layo lakhiwa ngesikhumba senkomo. Kuke kwabhungwa ngokuhluka kwamabheshu mayelana nendlela akhiwa ngawo nangezikhumba ezahlukene zezilwane ezisetshenziswayo, uhlobo lwesikhumba esisetshenziswe kwakhiwa ibheshu sisho noma sinencazelo ethile.
Ibheshu lendoda lakhiwa ngesikhumba senkonyane nesinene ngokunjalo. Isinene sendoda kuwumgomo okumele ulandelwe ukuthi izinjobo zaso zibe mbili noma yinye. Izinjobo lezi bezakhiwa ngezinsimba zenkoni. Inkoni inyamazane yasendle enhle okwakhiwa ngayo nemisila yamahawu.
Amadoda athile anezikhundla awahluki kakhulu uma ebhince ehleli ekhaya kumadoda anganazikhundla, kepha bahluka uma kunemigubho, imikhosi kanye nemicimbi yesintu. Umehluko uba semabheshwini kuphela, njengoba izingwazi nezikhulu zizicija ngamabheshu ezinyamazane, ikakhulukazi kusetshenziswa ibheshu lengwe. Izingwazi ziphinde zihluke ngophondo lwenkonyane nalo esithe ukuthinta kulo sikhuluma ngokuvunula kwengwazi.
Brief overview
The man in a Zulu traditional setting is someone who has passed the stage of being just a young male, but is a man because he is married. Ubudoda means being matured and can be translated into a stage of ‘manhood’.
What a man wears is different from a young boy, as his ibheshu is made up of young oxen skin, followed by isinene that is also made up of the same material. He also wears two lined or single lined izinjobo that are made from of a wild animal called inkoni. The inkoni skin is also used to make shield’s tail.