Indlela Ekuqiniswa Ngayo Ingane Ezelwe

Uke uzibuze ukuthi abantu basuke beqondeni uma bekhuluma ngokuthi ingane ezelwe iqiniswa kanjani? Sibe nengxoxo noMama Makhosazana Mdabe ohlala endaweni yaseNanda. Umama usixoxela ukuthi ngokwakwenziwa uma kuqiniswa ingane izelwe. Umama uthi yena wazala abantwana bakhe sezikhona izibhedlela okuchaza ukuthi akazalelanga ekhaya. Uqhubeke waveza ukuthi ngesikhathi esebuya esibhedlela nengane efika ekhaya kukhona umuntu omdala wesifazane uyena … Read more

Imisebenzi Yesigqabo

Isigqabo amafutha awumuthi asebenza ngezindlela ezahlukene elitholakala kubelaphi bendabuko. Lamafutha asuke ethathwe ezilwaneni ezahlukene njengezinyoka, izinkawu njalonjalo abelaphi bendabuko kuphela abakwazi ukuhlanganisa lomuthi nokuthi kufanele asetshenziswe kanjani. Lamafutha ahlukile ngezindlela zawo nangemisebenzi yawo. Awumuthi ngoba uyakwazi ngisho nokugquma ngawo uma unenkinga ephathelene nokuthi ngabe uyagquma. Kuyenzeka ukuthi kunokungcola okusele ngaphakathi kumuntu lokokungcola kufanele ukuthi kukhishwe … Read more

Ukungena Nokukhishwa Kwendlakubi

Indlakubi kusuke kuwukudla okudliwa umuntu ngesikhathi umndeni ungazwani noma ungangenelani. Kuthiwa indlakubi ngoba kusuke kuhambisana namazwi ayizinsongo noma izithuko okungenza umuntu okudlayo kumgulise ngokuhamba kwesikhathi. Lapha sizobheka imbangela yendlakubi kanye nokuyigwema ukuthi ingabe isabakhona noma ingasenzeka. Kuyenzeka umndeni ungazwani kube khona ingxabano ezibankulu ngalendlela yokuthi ihlula noma sekwenziwa inhlambuluko. Izingxabano ezinye zivamise ukwenzeka kusaphila abazali … Read more

Ukugezwa Kwezikhwama Zomelaphi Wendabuko

Uma uyinyanga noma uyisangoma, kuba nezinto ozilandelayo, uma kade kukhona umuntu oshonile emndenini noma esihlobeni, uyayivalela imithi ungayisebenzisi kuze kube uyageza wena nomgonqo wakho (uyazila) kuze kudlule umfihlo noma umngcwabo. Uma sekufihliwe kuyima ugeza ngendlela eqondene nomsebenzi lowo owenzayo. Kufanele kugezwe ngomswani nenyongo yembuzi ngumnini wesigodlo. Lokhu wenzela ukususa ithunzi lokushonelwa, ukuze ukwazi ukuqhubeka usebenze. … Read more

Ukwelapha Ngemithi Yesintu Ekhaya

Umzimba omubi onamathumba Uma uhlushwa amathumba umzimba wonke, awomzimba omubi noma yilawo abonakala ngokuthi amile nomaphi emzimbeni, njengokuthi lithi lingakakhanywa sekumile elinye. Lowo muntu ulashwa ngokuthi kuthathwe ingwebu yotshwala besintu uma kade kugayiwe ekhaya noma imvubelo (yisti) yasesitolo iluhlaza lena eyiqhuzu hhayi impuphu. Iyathathwa ihlanganiswe nobisi bese lowo muntu aphuziswe leyongxube. Lokhu kwenzelwa ukuwabulala ngaphakathi … Read more

Ubungozi Bengwenya Nezimpilo Zabantu

Akekho umuntu ongazi ukuthi ingwenya iyingozi enkulu ezimpilweni zabantu nasezilwaneni ikakhulukazi imfuyo. Lesilwane asigcini ngokuba yingozi uma sisaphila kuphela abasaziyo bathi siyingozi kakhulu uma sesifile. Ingwenya uma isifile inomsebenzi omkhulu ebantwini njengabelaphi bendabuko, abasebenzisa izingxenye zayo ukuqhuba umsebenzi wabo. Kanti futhi isikhumba sayo sisetshenziselwa ukwenza izicathulo ezisezingeni eliphezulu. Lapha sizogxila ekulapheni ngaso lesisilwane. Umuntu osixoxela … Read more