Imikhuba Nezinkolelo Ezenziwa Ngabantu Besilisa Ukuvikela Imishado Yawo

Emandulo lapho obaba bemizi babesalwa izimpi zezigodi noma zamakhosi noma behambe ngokomsebenzi beya ezimayini okwakubenza behamba isikhathi eside bengekho emakhaya. Ukungabikho komnumzane ekhaya ngenxa yalezizithu kwakungeyona into engajwayelekile emphakathini noma endaweni abayakhele. Ngalokho ziningi izimo noma izinto ezazenza nokuthi ukuthembana ekhaya kungabikho njengokuthi umnumzane uzobona kungumsebenzi wakhe ukuthi avikele umuzi wakhe noma ekude nawo. Lokho … Read more

Izindlela Zokuzelapha Ekhaya

Ukuzelapha ekhaya ngendlela yesintu: Ithumba Uma unethumba ufuna lisheshe livuthwe khona uzolikhama, uhlanganisa ushukela nensipho enemisebe yelanga, bese unamathisela kuleyondawo oyisola ukuthi inethumba, ulale ukufakile wakuvala ngendwangu, liyavuthwa ithuma kuvele nomlomo bese kubalula ukuthi likhameke nezinhlungu zingabi khona kakhulu. Izinyo Uma uhlushwa amazinyo enezimbobo, uthatha intuma enkulu itholakala ehlathini, ikhandlela, nendishi enamanzi. Ikhandlela uyalikhanyisa ulifake … Read more

Izinkolelo ngonwabu nexoxo (Beliefs about a chameleon and a frog)

Kunezinkolelo eziningi mayelana nezilwane esizweni samaZulu lokhu kungaba okuhle noma okubi. Kulendaba sizogxila kakhulu ekusetshenzisweni kwalezilwane ngendlela yokuthakatha noma ngendlela embi. Kunabantu abanesiphiwo sokusebenzisa amakhambi okwelapha. Abanye basebenzisa nezilwane noma okutholakala ezilwaneni ukwelapha noma ukubulala. Lohlobo lwalaba abasebenzisa indlela engalungile bayakwazi nokuthi benze izulu lidume likade libalele lingakhombisi mvula. Kujwayeleke ukuthi kube yizimbangi ezithile noma … Read more

Izindlela Zesintu Ezisetshenziswa Abantu Ukuqinisa Uthando

Esithenjini KwaZulu bekuyinto eyaziwayo ukuthi uma indoda yesigodi kuyindoda esuthayo, omacaphuna kusale, wayekwazi ukuthatha isithembu sabafazi ababili noma babe bathathu kuya ngamandla endoda. Kodwa lokhu kusukela emandulo lapho umama wekhaya, ubesethi uma esebona engasenawo amandla okondla kahle nokunakekela ubaba wekhaya ngenxa yokuhamba kweminyaka. Akhulume nobaba wekhaya echaze isimo sakhe bese ethi, umnika igunya lokuthi angamthola … Read more

Ukusetshenziswa Kwesihlahla uRosilina (Rosemary)

Isihlahla uRozilina (Rosemary) esikhathini sakudala sasitshalwa emapulazini nasezindaweni zabelungu. Lesihlahla sisetshenziswa kakhulu ngabelaphi bendabuko okuyizangoma nezinyanga. Lesihlahla senza umuthi wenhlanhla uma sesithakwe neminye imithi. Loluhlobo alutholakali kakhulu ezindaweni ezihlala abantu abamnyama. Okubalulekile ngalomuthi ukuthi abantu abawusebenzisayo akufanele beqe isithakko noma isikhathi esibekelwe ukusetshenziswa kwawo ngoba kuthi uma wenze lelophutha awube usakulethela izinhlanhla lezo obuzilindile kodwa … Read more