Ubungozi Bengwenya Nezimpilo Zabantu

Akekho umuntu ongazi ukuthi ingwenya iyingozi enkulu ezimpilweni zabantu nasezilwaneni ikakhulukazi imfuyo. Lesilwane asigcini ngokuba yingozi uma sisaphila kuphela abasaziyo bathi siyingozi kakhulu uma sesifile. Ingwenya uma isifile inomsebenzi omkhulu ebantwini njengabelaphi bendabuko, abasebenzisa izingxenye zayo ukuqhuba umsebenzi wabo. Kanti futhi isikhumba sayo sisetshenziselwa ukwenza izicathulo ezisezingeni eliphezulu. Lapha sizogxila ekulapheni ngaso lesisilwane.

Umuntu osixoxela lendaba ukhulele endaweni yaKwaMaphumulo kodwa usehlala eThekwini ngenxa yomsebenzi usitshele ngokwenzekayo ngakubo uma kutholakale ingwenya ifile. Kubalulekile ukuveza ukuthi umuzi wakubo wakhele umfula uThukela lapho kunezingwenya khona. Uma kwenzekile kwatholakala ingwenya ifile kuhlatshwa umkhosi kuze kuyofika nasenkosini. Wonke umuntu ozwile ngalesigameko kulindeleke ukuthi abekhona endaweni ekutholakale kuyona leyongwenya, ngisho nenkosi imbala. Kuthiwa kubalulekile ukuthi kumenyezelwe ngoba ingwenya yisilwane ekungafanele sitholwe yinoma ngubani ikakhulukazi abenzi bokubi.

Kubalulekile ukuthi inkosi ibekhona kuleyondawo, ukulawula isimo. Kuzothi uma sekufike abantu kanye nenkosi izoqala ingwenya ihlinzwe, kukhethwe izingxenye ezidliwayo ziphekwe. Wonke umuntu osuke ekhona uthatha iqatha adle. Kuzothi uma abantu sebeqedile ukudla bese ithuba linikwa abelaphi bendabuko ukuthi bathathe izingxenye abazidingayo babelane ngazo ngokulingana. Konke lokhu kwenziwa phambi komphakathi. Uma sebeqedile ukwabelana izingxenye ezisele zengwenya ezinobungozi zizothathwa zishiswe zibe umlotha. Bese uyathathwa uphoswe emfuleni ohambayo ukuze kungabi khona muntu ongase awuthole.

Uma kutholakale umuntu nayo ingwenya noma nezicubu zayo uyabulawa nokubulawa. Kuthiwa kunengxenye yomzimba wengwenya osetshenziselwa ukuqotha abantu okwenza ukuthi kube yichilo ukutholakala kwayo emzini womuntu. Lesositho somzimba sitholakala ngakwinhliziyo yengwenya, kuthi uma seyithakwa neminye imithi kube wukuphela kwabantu lokho. Kuthiwa umuntu angafa noma engadlile lutho oluhlanganiswe nalesitho somzimba wengwenya ngokuthi kubizwe igama lakhe ngesikhathi kuthakwa kusuke sekuphelile. Uyasetshenziswa njengomeqo. Futhi lowomuntu angazidalela nokuthi abizwe ngomthakathi.

English Summary
Crocodile fat is popular in taxi ranks where you find mainly men traditional healers selling small bottles with a muddy like substance inside for R20. Have you ever thought of how they got hold of the crocodile? This article would answer your question. It is said that in the areas surrounding Thukela River if people come across a dead crocodile, they should inform the traditional leader who then call people to gather where the crocodile carcass is. Selected men cut it and cook all the parts that are regarded safe to be eaten. Everybody present is expected to take a piece of crocodile meat and eat it. Then traditional healers are given a chance to take what they use for healing. This process is watched closely by the leader. They have to share equally. Then the remainder of the carcass is burnt and thrown into the river. The reason for burning the remainder is that there is a belief that the heart of a crocodile is poisonous if it’s mixed with certain traditional plants and can harm people hence the whole process is under the watchful eye of the leader.

By: Nqobile Mdabe
Sources: Sibongiseni Gasela noMakhosi Maphumulo

Leave a Comment