Kudala ngezikhathi zawokhokho umngcwabo kwakuyinto engajwayekile futhi eyayihanjelwa ngabantu abadala. Indlela yokungcwaba yayehlukile kakhulu kunale eyenziwa ngesikhathi samanje. Uma kushone umuntu emndenini kuyalindwa ngalesisikhathi engakangcwatshwa, owesilisa womndeni akahlangani nowesifazane kuze kudlule umngcwabo. Ngosuku okuzwakale ngalo ukuthi sekushoniwe kuyandlalwa esililini salowomuntu, uma kungowesifazane kundlalwa esililini sabesifazane, uma kungowesilisa kundlalwa esililini sabesilisa. Kuye kundlalwe icansi, ingubo yokulala, kubekwe izingubo zakhe zokugqoka bese kukhanyiswa isibani noma ikhandlela ngasenhla. Uma umuntu ezongcwatshwa ekupheleni kwesonto kuyalindwa isonto lonke.
Okwenziwa kusalindiwe
Kuvukwa ekuseni kakhulu kuhlanzwe izindlu ukuze nabangenayo bezobona bafike kuhlanzekile. Uma kulindiwe awubangwa umsindo futhi akumenyezwa, akufanele abadala bashaye abantwana ngoba lokho kungababangisa umsindo. Umzali noma lowo oshonelwe uhlala phansi lapho kundlalwe ngakhona usukuma uma eyogeza noma eya endlini encane kuphela.
Uma umuntu eshonele esibhedlela wayiswa emakhazeni kuye kuthi uma eselandwa emakhazeni kuhambe umzali aye khona afike ambikele ukuthi usezolandwa ukuze aye ekhaya. Lapho ke kusetshenziswa ihlahla lomganu azobambelela kulona ngokomoya, noma sekungenwa emotini uyaphinda futhi abikelwe ukuthi sesingena ngokwenziwayo, nalapho sekufikiwe ekhaya kwenziwa kanjalo.
Ngosuku ekuzongcwatshwa ngalo izinsizwa zivuka ekuseni ziye komba ithuna, uma kungubaba wekhaya ithuna limbiwa maduzane nesibaya ngoba ubaba wekhaya akangcwatshwa ngaphandle komuzi wakhe. Ngesikhathi sakudala yayingenziwa inkonzo kodwa namuhla isiyenziwa. Abambayo kufanele bambe ikhona noma igumbi emgodini lapho umuntu uma engcwatshwa efakwa khona ikakhulukazi uma engangcwatshwa ngebhokisi njengoba sekwenziwa manje.
Imindeni eminingi emakhaya ayingcwabi ngebhokisi ngoba isalandela indlela yakudala yokungcwaba ngohlaka, nenkonzo yamaNazaretha neyamaSulumane ayingcwabi ngebhokisi. Uma umuntu engcwatshwa ngohlaka ugoqwa ngendwangu emhlophe engukalika bese egoqwa ngengubo yokulala abekwe ecansini. Uma sekuyiwa emathuneni uyaphinda futhi atshelwe ukuthi sekuyiwa endlini yakhe yokugcina afakwe ethuneni bese eyabikelwa ukuthi nansi indlu yakhe lapho ezophumula khona atshelwe ukuthi kothi uma sekuphele izinsuku zokuzila bese enzelwa umcimbi wokumbuyisa.
Uma sekubuywa emathuneni kudlulwa esangweni kugezwe izandla ngomswani bese kugezwa namathuluzi abesetshenziswa ukumba ithuna. Uma lowo oshonile eshiye umntwana omncane, ukuze umntwana angalokhu embuza uyahletshelwa esalele ukuthi umama kumbe ubaba wakho ushonile angaphinde ambize noma amkhalele.
By: Zanele Shange
angikwazi ukuthi umuntu simulanda ngehlahla lomganu sazi umlahla nkosi thina
Yebo umuntu wesifazane ulandwa ngomganu kuthi owesilisa ngomlahlankosi
Ibhungu elashona libuyiswa ngasiphi isilwane ngenkomo noma ngembuzi?
Kuya ngamandla omndeni. Cofa lapha ukuthola olunye ulwazi: Umsebenzi Wokubuyisa Umuntu Ongasekho