Izinkolelo Zabantu Zokucelela Ogulayo Indlela Emadlozini
Imindeni noma izibongo zinezinto ezikholelwa kuzo noma eziyimikhuba eyenziwayo engenziwa kweminye imizi njengokuthi uma kukhona ilunga lomndeni eseligule isikhathi eside lingabingcono, balicelele emadlozini omndeni ukuthi aliphumuze ezinhlungwini asezizwile. Lomkhuba ubizwa ngokuthi ukwenzelwa umphako. Ngesinye isikhathi lowo ogulayo uyazicelela kwabomndeni lomphako nabo babonisane ukuthi kungenzeka usebanjwe yiwona. Njengokuhlukana kwemindeni eminye ihlaba imbuzi kuthi eminye ihlabe inkukhu. … Read more