Inhlambuluko Phakathi Kukamakoti Nomndeni
Umakoti uma eshade ngokuphelele emzini wathelwa ngenyongo akube kusavumeleka ukuthi enze noma ikanjani kangangoba ngisho nokuya kubo kudingeka acele kumyeni wakhe noma abasemzini kuqala, uma emvumela usengavakasha ekhaya. Kuyenzeka umakoti angaphatheki kahle emzini, lokho kuyinjwayelo ngoba phela zikhona izivivinyo zasemzini lapho kusuke kudinga ukuthi umakoti abekezele ukuze akwazi ukwakha umuzi. Kuyenzeka umakoti ahlukunyezwe umkhwenyana wakhe … Read more