Ukukhunyulwa Kwenzila Ekhaya

Umsebenzi wenziwa uma umuntu wesifazane ekhumula inzila yokushonelwa ngumkhwenyana noma ngumyeni wakhe. Uma umuntu wesifazane eshonelwe indoda yakhe abekade eshade nayo uyazila isikhathi esingangezinyanga eziyishumi nambili noma unyaka wonke enzela ukuhlonipha indoda yakhe. Nezingane ziyazila zizilela ubaba wazo kanye nabazukulu ngokunjalo. Kodwa izingane zona zizila isikhathi esifishane kunesikamama kuye ngokuthi umndeni wona ugcina siphi isikhathi. … Read more

Ukuhlawulela Umntwana

Kuyihlazo elikhulu ngokwesintu ukukhulelwa kwentombazane ingashadile. Uma intombazane ikhulelwe ingashadile kufanele lowo oyikhulelisile akhokhe inhlawulo kubazali bentombazane. Uma kutholakala ukuthi intombazane ikhulelwe ekhaya kuyaye kubuzwe kuyona ukuthi ikhuleliswe kwabani isibongo ukuze bakwazi abazali bayo ukuyiqhuba bayiyise kulowomuzi. Ukuqhutshwa kwentombazane Uma kuqhutshwa intombazane kuvukwa ekuseni kusempondo zankomo, kuhanjwe ukuze bafike kubokamfana kungakavuki muntu. Lokhu kusuke kwenzela ukuthi bamfice umfana engakathathi izindlela … Read more

Ukudla okwenziwa ngommbila

Ukwakhiwa Kwesigqulo Uma kwakhiwa isigqulo abantu babethatha isiqu somuthi silinganiswe nebhakede elincane, bayikopolote noma basuse ingaphakathi laso lesosiqu kuze kwakheke okusasitsha. Isigqulo besiba nenduku eqinile yokugxoba ummbila. Uma sesikulungele ukusetshenziswa ekhaya bebethatha ummbila bawukhuzule ehlezeni noma eqhombeni bawuthele embengeni bese bewuthela esigqulweni ukuwugxoba. Bewugxotshwa ngendlela yokuthi ungacolisakali ngoba kuzophekwa kube yisitambu, sihlanganisa ummbila nobhontshisi. Ummbila, … Read more

Ukudla Kwesintu Okuphekwayo Nezilimo

Ukudla kwesintu Ukulima kwakubalulekile emandulo ngoba abantu babengasebenzi imisebenzi eholela imali. Ukulima kwakusiza ngokuthi badle noma bahlale bephilile. Ezikhathini zakudala zazingekho izitolo lapho abantu ababethenga khona ezinye izinsiza kupheka. Babethembele ezitshalweni zabo ukwenza impilo iqhubeke njengokuthi uma befuna ukwenza impuphu babewugaya ngokusebenzisa itshe lokugaya njalonjalo. Impuphu iyona eyayisetshenziswa kakhulu nemifino uma kudliwa uma siqhathanisa nesikhathi … Read more

Ukubaluleka kweZiko Ekhaya

Emandulo kwaZulu kwakuthi uma kuhlanganyelwe kuhleziwe endlini, kukhona isilili sabesilisa nesilili sabesifazane, esililini sabesifazane kuhlala izalukazi, omakoti kanye namantombazane. Esililini sabesilisa kuhlala umnumzane wekhaya, izinsizwa kanye nabafana. Phakathi nendlu kukhona insika, lensika phansi kwayo kukhona iziko. Iziko yilapho kubaselwa khona umlilo kuphekwe ukudla. Umlilo uyabaswa ngisho kungaphekiwe uma kubanda ukuze kufudumale endlini. Umlilo ubaswa ngezinkuni ezithezwa … Read more

Izitsha Zesintu

Izitsha zokudla zesintu Ukudla kubantu bomdabu babekugcina ezitsheni ezahlukene futhi noma kuphakwa kuphakelwe ezitsheni ezifanele, lokho kudla okudliwayo ngaleso sikhathi. Zazisetshenziswa futhi ekutheni zibe izipho uma kwenziwa ubuhlobo phakathi kwemizi eshadelanayo noma kunombondo. Ekudleni kusukela kokwesipuni kuya kokuphuzwayo, izitsha zakhona azifani futhi nangendlela ezenziwa ngayo ayifani. Kuzo lezizitsha zokudla, kwakubuye kutshengiswe nekhono lokwenza into enhle … Read more