Ukuhlawulela Umntwana

Kuyihlazo elikhulu ngokwesintu ukukhulelwa kwentombazane ingashadile. Uma intombazane ikhulelwe ingashadile kufanele lowo oyikhulelisile akhokhe inhlawulo kubazali bentombazane. Uma kutholakala ukuthi intombazane ikhulelwe ekhaya kuyaye kubuzwe kuyona ukuthi ikhuleliswe kwabani isibongo ukuze bakwazi abazali bayo ukuyiqhuba bayiyise kulowomuzi.

Ukuqhutshwa kwentombazane
Uma kuqhutshwa intombazane kuvukwa ekuseni kusempondo zankomo, kuhanjwe ukuze bafike kubokamfana kungakavuki muntu. Lokhu kusuke kwenzela ukuthi bamfice umfana engakathathi izindlela zakhe. Uma kuyobikwa isisu kuhamba intombazane ekhulelwe kanye namantombazane endawo kanye nomama. Amantombazane ahamba phambili kuthi omama balandele ngemuva. Uma sebefikile bama emnyango balinde kuze kuphume umuntu wakhona. Amantombazane ayakhumula asale ngamabele ukuze kubonakale umehluko wamabele kulowo osuke ekhulelwe. Omama baye bayibike indaba bese kubizwa umfana okhulelisile ukuze abuzwe ukuthi uyazi yini ngalendaba efika nomama.

Uma umfana evuma babe sebengeniswa endlini ukuze kukhulunywe ngamahlawulo. Kukhona imali ekhishwayo ebizwa ngokuthi amazolo ngoba basuke bevuke ekuseni babhula amazolo beya kubokamfana, bese kuba eyomgezo wezintombi ngoba umfana kanye nentombazane bangcolise izintombi zendawo, ngakho kufanele bazigeze ukuze kungandi ukukhulelwa kwezintombi. Bese kuba ingezamuzi okuba imbuzi ehamba ngezinyawo, uma beyikhiphe ngalelolanga kuhanjwa nayo kuyiwe kubo kwentombazane ifike inikwe ubaba wekhaya.
Imbuzi iyahlatshwa kukhishwe inyongo nomswani kuchelwe wonke umuzi kubikwe kwabadala ukuthi uyagezwa umuzi wabo njengoba kukhulelwe intombazane. Kokunye uma engayikhiphanga ngalelolanga ingezamuzi iye ifike kanye namahlawulo. Uma sebesuka kubo kamfana bafike babike ekhaya ukuthi bahambe kanjani bese bekhipha lokho abanikwe kona, izintombi zinikwe umgezo wazo bese ziya emakhaya. Abakubo komfana bayahamba baye kokhokha inhlawulo leyo okusuke kuvunyelwene ngayo, kuyaba imali noma izinkomo ezimbili okuba umqhoyiso kamama nengezamahawu kababa.

Ukuhlawulelwa ngumuntu okungesiye
Kwakwenzeka ukuthi intombi kugcine ekhaya layo kungaziwanga ukuthi ubuntombi ayisenabo, ihlukane nalowomuntu oyiqede ubuntombi bayo. Kutholakale ukuthi kunomuntu oyithandayo, kwakubalulekile ukuthi intombi ilisho iqiniso kulowomuntu esimbonile ngobuntombi bayo. Kwakubakhona isimo lapho lowomuntu ezokwamukela lokho ayethembise nokugcina imfihlo yayo yokungabi intombi aze akhokhe zonke izimfanelo uma sekudingeka. Lokhu babekwenzela ukufihla ihlazo endaweni ukuthi owesilisa uthathe umuntu ongasaphelele nokuthi intombi leyo ivikeleke. Konke kuqhubeka njengenjwayelo kuze kufike lapho esikhathini sokuthi abomndeni babone noma bezwe ukuthi ingane yabo ayiseyona intombi. Kweminye imizi intombi iyaxoshwa ibuyele kubokasoka ifike yazise oqondene nayo ngosekwenzekile. Lapho owesilisa wazisa umndeni wakhe ngomonakalo asewenzile emzini wenye indoda bese kuyavunyelwana ukuthi kuhanjiswe inhlawulo njengesiko.

Inkomo yomqhoyiso idliwa yizalukazi kuphela. Futhi ziningi izinkolelo eziyamaniswa nalokhu. Njengokuthi kulesimo sentombazane engaqhoyiswanga yilabo abayihlawulele kuthiwa kuzwakala ngenyama uma seyidliwa. Kuthiwa igcwala amanzi ingabimnandi, izalukazi zizwakale zihleba ukuthi umuntu ohlawulile akusiyena oqhoyise intombazane kasibanibani. Lokhu akukhulunywa noma kanjani labo abadala bayabuka baze baganiselane labobantu. Uma sekuzwakele kwabomndeni kuthiwa bayabalisa ukuthi umakoti wantshontsha inkomo yabo. Ukukhulunywa ngalenkomo yomqhoyiso akuyibangi ingxabano kwabaganene ngoba intombi yalisho iqiniso esokeni layo ngobuntombi bayo, bavumelana. Nakuba kunezinkolelo zokuthi idlozi liyadinwa, laba ababili bangakwazi ukuhlala kahle emzini wabo ngenxa yokukhohlisa abantu abadala, kufika isikhathi lapho umuntu kufanele axolise emadlozini ngokwenzekile.

By: Zanele Shange and more information by Nqobile Mdabe

2 thoughts on “Ukuhlawulela Umntwana”

  1. What happens if the girl was no longer a virgin when a guy impregnates her? Egameni lalokho kumele ukhokhe zonke izindleko kulowomuzi

    Reply

Leave a Comment