Ukusetshenziswa Kwezithakazelo

Isithakazelo siyigama likakhokho othile kuleso naleso sibongo, kusetshenziswa kakhulu amagama abantu besilisa emndenini njengezinhloko zemindeni. Isithakazelo siyindlela yokuhlonipha noma yokubongela lowo othakazelwayo ngalesosikhathi. Ziyasetshenziswa nangendlela yokuncenga lowomuntu kangangoba kungalula ukuba uthole noma yini ongahle uyidinge kuyena. Sidambisa ulaka kwabanolaka. Ezithakazelweni kunenhlonipho nokuthakaselana. Ziwuhlobo oluthize olukhombisa ukuhlonipha nokwesasela. Zenza abesilisa nabesifazane bazibone besemazingeni aphezulu ahambelana nezikhundla … Read more

Ukukanywa kwemingcele phakathi komakhelwane behlala esigodini esisodwa

Iningi labantu uma ungalibuza ngokuthi yini umngcele futhi wakheka kanjani iningi labo lingakutshela ukuthi yilapho kusuke kuhlukana khona izindawo ezimbili ezakhelene. Futhi wenzelwa nokuthi kubelula nokuhlukaniseka kwabantu abakhele indawo eyodwa. Impela lokhu okungenhla kuyiqiniso elingephikiswe kodwa abantu abanye abangakwazi ukuthi ezikhathini zakudala umngcele wawenziwa phakathi komakhelwane bakhelene ngenxa yezingxabano ezivelayo ekuphileni. Namuhla sizogxila kakhulu kulokho … Read more

Qadi Clan Migration by King Shaka: Zulu – Kingdom, South Africa

Qadi clan forms part of the Zulu Kingdom. After King Shaka’s assassination they became the second on the list, so they migrated to S’bubulungu in the North of Durban, KwaZulu Natal. Origins and Migration UMzinyathi, is a place where this group of people occupied after fleeing from their original place. This clan was very talented and had technical perspective … Read more

Mkhize

Mkhize Mumbo! Ndlozela ka Langa!G ubhela! Amamb’ abambulaz’ abadl’ umuntu bemyenga ngendaba, AbaMbo bakaSibisid’ esimaphandla, Asebephandl’ abeNguni bavungama’ USibisid’ esimjembelezana. BakaNongalo owaphana kakhulu, Waze waphana ngenhlam’ isetsheni Osindaphundaphu ngokwephana, Nina bakanhlama yaphelel’ etsheni ngokuphana. Nina malala amahle, Alala nomunw’ endunu, Navuka nakhwif’ ilanga. Nina bakaMavumbuk’ unjengekhowe. Ngunezi kaSingele, kaZihlandla kaGcwabe, Khabazela kaMavovo Nina bengwadl’ eyathi … Read more

Izibongo zakwaNdlela

Gwabini wemikhonto, UNonjiyela kulala uhlangothi lubomvu, UManxeb’ angamanxulama, UNsingiza edond’ ukusuka, Umagaju njengengwe, Inhlang’ eyeq’ iphindelela, Kwasa bemhlaba uGwabini waphika, Unababuyel’ abangakanani, Ababuyel’ umunt’ enza ngabomu OSonyakanyaka, UManyakanyak’ oduke namaphela,USilinda maNdwandwe, AmaNdwandw’ akhawul’ amatheUMwelela kweliphesheya, UMwel’ iwele yonk intontela,UMzac’ okhomb’ amaNgwane, USiquz’ abantu koGwabini,Kuse wasala uNdlela, Yath’ imp’ ibuya,Kwasa wasala uNdlela, UNakanaka ngiyasala, Umandlan’ angangowomntwana. … Read more

Isibongo sakwaShezi

Shezi Dlaba Dlaba kamavulane Owavul’ inkandla ivaliwe Dludl’ odl’ imihlambi yamadoda, Abadludlayo bayaceba, Udlab’ akadleli phansi,  Udle’ edlodlweni Abanye bedlela phansi. Izithakazelo zisuselwa esibongweni esithile njengoba nezibongo zisuselwa emagameni abantu. Izithakazelo ziwumlando wesibongo ngasinye. Kuyenze isithakazelo sifane nesibongo sakomunye umuzi lokhu kuchaza ubuhlobo. Abantu abahlobene abaganani.  English Summary Most African surnames have clan praises. Some … Read more