Ukusetshenziswa Kwezithakazelo

Isithakazelo siyigama likakhokho othile kuleso naleso sibongo, kusetshenziswa kakhulu amagama abantu besilisa emndenini njengezinhloko zemindeni. Isithakazelo siyindlela yokuhlonipha noma yokubongela lowo othakazelwayo ngalesosikhathi. Ziyasetshenziswa nangendlela yokuncenga lowomuntu kangangoba kungalula ukuba uthole noma yini ongahle uyidinge kuyena. Sidambisa ulaka kwabanolaka. Ezithakazelweni kunenhlonipho nokuthakaselana.

Ziwuhlobo oluthize olukhombisa ukuhlonipha nokwesasela. Zenza abesilisa nabesifazane bazibone besemazingeni aphezulu ahambelana nezikhundla zabo zokuba izinhloko zamakhaya nobuqotho. Isithakazelo sisodwa kasinabo ubunkondlo. Isithakazelo sivame ukuba nengxoxo ethile elandelwayo noma umlando walesosibongo ngokulandela kwabantu besilisa bakhona. Lengxoxo ingase ibe nomlando oqondene naye, kokunye ibe wumlando wesizwe sakubo. Kujwayeleke ukuba kuchazwe ubuntu nobunjalo bohlobo oluthakazelwayo. Uma-ke umuntu umhasha ngezithakazelo zakubo akuhlukene nokumbeka emkhulekweni njengoba kwenziwa emasontweni namuhla. Phela ngokweSintu kukhona ukukhuleka koKhokho nokukhuleka kuMvelinqangi.

Izibonelo zezithakazelo:

Isibongo-Isithakazelo

Khumalo – Mntungwa
Mfeka – Mzimela
Buthelezi – Shenge
Dladla – Mgabadeli
Zwane – Mangethe

By: Sbo Dladla

Leave a Comment