Ukucela Inala II

Engxenyeni yokuqala sigcine ngenhla kwamadolo ngokunaba ngomkhosi kaNomkhubulwane, kodwa ke sendlalele ngokucelwa kweNala, okuba umkhosi wokuqala ngaphambi kokuba komkhosi kaNomkhubulwane. UNomkhubulwane ulandela wona lomkhosi wokucela inala njengomvula nkundla womkhosi omkhulu wokucela imvula uma izwe libulawa inkemane imvula ingabonwa evundisa amasimu uma kulinyiwe. Uma sekuqediwe ukugaywa utshwala ngalembewu buhanjiswa emasimini ngezigubhu ezingazange zigeqwe. Lensimu iba sentabeni, … Read more

Ukucela Inala

Isimningana yona imikhosi yasekhaya esekulotshwe ngayo kulengosi yolwazi lwesintu, noma seluhlutshiwe udlubu ekhasini kodwa ke ngithi ake ngiqhubeke ngenabe njengoba ngelulelwe isandla sokwenaba. La ke sibhunga ngokucela inala. Into eyenza ukuthi kugxilwe kulemkhosi engasewona ndabamlonyeni manje ukufundisa laba abanolwazi oluncane ngayo, njengoba okhokho bethu bekuyinto abayitusayo ukugubha imikhosi kwaZulu. Lomkhosi wabe wenganyelwa inkosi, okwakuthi iziphakanyiswa … Read more

Ukutshala nokuvuna

Okhokho babeba namasimu amakhulu. Kuwo babetshala ummbila, amabele, umoba, ujika nelanga, imfe, namakinati njalo njalo. Lamasimu abeba makhulu, abeba buqamama namakhaya abo. Eduze nemizi yabo babetshala ummbila nemifino nokunye. Uma kutshalwa bekwenziwa ilima lokuthi batshalisane, ekugcineni bonke babeba nawo amasimi anokudla okuningi. Babengatshali into eyodwa isikhathi eside ensimini eyodwa. Bebezishintsha izitshalo benzela ukuthi inhlabathi ingajwayeli … Read more