Uncle Lenny

Retired whaler. Wills Rd, Berea. Shaded by a large Syringa tree, Uncle Lenny’s house in Wills Road provides a refuge from the urban environment.  A thick hedge hides a secluded garden while dappled sunlight filters onto a Durban verandah.  The illusion of peace is tempered by the realities of this inner city neighbourhood.  Taxi owners … Read more

Umlando Wezindawo Ezadliwa Ngabamhlophe Ngempi Yamakhanda

Impi Yamakhanda yaliwa njengoba kwaziwa ukuthi yaliwa izwe lonke laKwaZulu kodwa kwagcina kuwine amaNgisi lapho aqala ukuthi ashaye imithetho yawo. Babezidla izindawo zamanye amakhosi bazinike amanye bhusende njengendawo kaLubhudlungu kaFaku. Enye ayidabula ayinikeza abamhlophe ukuba bayenze amapulazi. Wagcina ebanjiwe uLubhudlungu waboshwa, wakhothamela ejele. Abanye esingababala abahlomula ngaleyondawo ngabakwaSibisi, abakwaSithole nabakwaNgobese. Indawo yakaGezahlale noma Hlazakazi yona … Read more

Umlando Wesibongo sakwaMabhida

UMabhida wayezalwa kwaMkhize. Kwakunensizwa yakwaMkhize egama linguDlebe. Yayakhe umuzi wayo eNgomankulu. Kodwa wenza okungajwayelekile okwayiholela ekutheni igcine isithole isibongo esisha. UMadlebe waganwa intombi yakwaMkhize naye enguMkhize, lokho kwamenza wangabamuhle ozalweni nasemphakathini. Lokhu kwenza ukuthi bamkhuze bethi, “Ayikhona Mkhize usubhide ekhaya.” Waqala kanjalo ukuba uMabhida. UMadlebe wazala umfana wamqamba igama wathi uStimela, okuwuyena uMabhida wesibili. Kuthiwa … Read more

Umlando Wesibongo SakwaQwabe

Isibongo sakwaQwabe sivele egameni lenye yamadodana kaMalandela, uQwabe. UQwabe wayelanywa nguZulu okwenza imilando yabo ifane. Njengazo zonke izelamani kwaba khona ukungaboni ngaso linye ngokubhekwa kwemfuyo yasekhaya ngoba uQwabe wayekhonze kakhulu ukuzingela engenaso isikhathi sokubheka imfuyo nezinye izinto zomndeni, okwenza ukuthi izinto eziningi zomndeni zenziwe nguZulu owayemncane kunoQwabe. Ngenxa yalokhu uQwabe ushiyile ekhaya waya kozakhela umuzi … Read more

Umlando Wesibongo SakwaMtolo

Isizwe sakwaMtolo ngesinye sezizwe zokuqala ezazinza ezintabeni zoKhahlamba. Ukufika kwabo lapha, babengahambi bodwa, babehamba nabakwaZizi izihlobo zabo ezinkulu. UKhahlamba ngenxa yokuthi izintaba nemihhume, abaThwa bebehlala khona futhi ibona okusolakala ukuthi abokuqala kulezizintaba. Loluhambo lakwaMtolo olubaholela ezintabeni zoKhahlamba, bahamba baholwa nguDlangamandla umholi owayengamandla ekuphakeni impi uma efika endaweni, wayeqala azame ukwakha ubuhlobo, bese elwa uma isizwe … Read more