Isibongo sakwaQwabe sivele egameni lenye yamadodana kaMalandela, uQwabe. UQwabe wayelanywa nguZulu okwenza imilando yabo ifane. Njengazo zonke izelamani kwaba khona ukungaboni ngaso linye ngokubhekwa kwemfuyo yasekhaya ngoba uQwabe wayekhonze kakhulu ukuzingela engenaso isikhathi sokubheka imfuyo nezinye izinto zomndeni, okwenza ukuthi izinto eziningi zomndeni zenziwe nguZulu owayemncane kunoQwabe. Ngenxa yalokhu uQwabe ushiyile ekhaya waya kozakhela umuzi wakhe eduze nomfula uMhlathuze ngaphansi kwezintaba zoNgoye. Umuzi wakhe uwuqambe igama elithi ikwaMthandeni ngoba ethi abanye abantu bazomthanda ngoba abomndeni wakhe bengakhombisanga ukumthanda.
Isizwe sikaQwabe sandile impela ngoba indawo yaso yayisuka emngceleni wesizwe saKwaMthethwa siyofika esizweni saKwaDube siphinde siyoshaya ehlathini eNkandla. Ngokwanda kwalesizwe kuphume nezibongo njengoGumede, uMnguni, uSimamane, uKhuzwayo, uMakhanya noNqetho.
Ngesikhathi kubusa uDingiswayo KwaMthethwa, KwaQwabe kwakubusa uKhondlo. Ngesikhathi isizwe sakwaQwabe sithutha siyokwakha ngasemfuleni uMvoti ngaphesheya koThukela sase siholwa nguPhakathwayo. NoNdlunkulu uNandi ozala iSilo uShaka sake sakhosela ngaphansi komuzi wakwaQwabe kwaGedeyana. Lesizwe sazinza endaweni ephakathi kwakwaMaphumulo naKwaDukuza. Isizwe sakwaQwabe sisekhona endaweni yaseMthandeni osekuyikomkhulu laso siholwa nguMakhosonke W Qwabe.
Kukhona nabanye oGumede abangaveli endlini kwaQwabe. Laba ngoGumede bakaManukuza nabakaSiqalaba. Bayingxenye yamaThonga ngoba bangena ezweni beqhamuka eNyakatho neMpumalanga nelikaMthaniya.
Izithakazelo
Qwabe!
Gumede!
Phakathwayo!
Mnguni!
Malandela!
Ntabani leyayaya kuNgoye Gumede!
Dluya Nguni kubeyethwe!
Nazi Ezinye: Izithakazelo zakwaGumede
Mnguni!
Qwabe!
Mnguni kaYeyeye
KaKhondlo kaPhakathwayo
Abadl’ umuntu bembhuyabhuya ngendaba
Bedluya kuyabeyethwa
Abalw’ impi noShaka
Wath’ uShaka makusikw’ ugebhezi
Lwekhand’ aphuze kulona.
Mgwaqo!
Khuzwayo!
Wena kaMalandela
Ngokuland’ izinkomo zamadoda
Amazala nkosi lana,
Mpangazitha!
Makhanya!
English Summary: History of Qwabe Surname
Qwabe was one of the sons of Malandela and the surname Qwabe originates from this son. Qwabe was a brother to Zulu and they have the same history. Qwabe was good in hunting and spent most of his time away from home and he neglected his responsibilities as a first born son of which were done by Zulu who was younger than Qwabe. There were a lot of family discussions about this and Qwabe decided to leave his family homestead and settled near UMhlathuze River at the bottom of Ngoye Mountains. And he named his kraal Mthandeni. From the Qwabe clan other surnames were formed like Gumede, Mnguni, Simamane, Khuzwayo, Makhanya and Nqetho. Khondlo and Phakathwayo are some of the leaders of the Qwabe clan. There are other Gumede people who are not from the Qwabe clan but from Manukuza clan and Siqalaba clan.
By: Mabusi Kgwete
More information by: Mbusiswa Zuma
Source: Ilanga Newspaper, 26-28 March 2012. Page 8
ABAKWA QWABE IZINJA>> IZINJA MADODA<<
Oh how i love my surname
Phakathwayo!
Yithike labo
uQwabe uzala obani,
Sawubona,
Ungafunda okunye mayelana noQwabe kulombhalo kaSolwazi uJabulani Maphalala, othi uQwabe wazala uMahlobo nabanye: http://www.bayedenews.com/za/umlando-wesizwe-sakwaqwabe/
Omunye kule-website yezithakazelo (https://izithakazelo.blog/2013/05/27/mnguni-gumede-khuzwayo/comment-page-1/) yena uthi:
uQwabe uzala uMahlobo
uMahlobo azale uSidinane
uSidinane azale uKhuzwayo
uKhuzwayo azale uSimamane
uSimamane azale uLufutha
uLufutha azale uMncinci
uMncinci azale uKhondlo
uKhondlo azale uPhakathwayo
Ulwazi Programme
Thanks a lot for this kind of information it’s really helpful to us as Qwabe youth