Bhekumuzi Luthuli

UMadlanduna ngenye yamaciko amadala angasekho eyibekile induku ebandla emculweni wesuntu ngoba phela umculo wakhe ubuhlabahlose kuwo wonke umuntu. Umculo kamfokaMolo ubuthandwa abancane, amabhungu nezintombi ngisho nezaguga namaxhegu imbala ngoba ubuhlukile futhi unomlayezo. UBhekumuzi Luthuli wazalwa ngomhlaka 13 Ephreli 1961, Kwa-Maphumulo budebuduze nje nedolobha Stanger, kwaZulu Natali. UBhekumuzi ungamanye amaciko abedume kakhulu. Uqale umculo wesintu ngesiginci sokuzakhela ngeminyaka yama-1980’s ecula umculo uMbhaqanga ecula eqenjini elibizwa ngokuthi Oshimi eThekwini.

Kuthe emva kokuba bekhiphe amacwecwe amabili wabe eseziphumela inxiwa lakhe nokuyilapho avelele khona ngampela emculweni. Kuthe ngecwecwe lakhe lesibili kanye nelesithathu eseziphumele inxiwa amanoni athi Unembeza kanye nelithi Wongikhonzela Enhliziyweni wahlabana ngezindondo kwi-OKTV Awards. Lamacwecwe akhe abe eselanywa amanye angamashumi nesikhombisa nokuthi icwecwe sihloko sithi Impempe yazidlela amahlanga emva kokuba iphumile ngokuthi idayise ngaphezu kwenani elingaphezu kuka-50,000 okwaba iPlatinum leyo emculweni. Akekho umuntu olalela umculo womdabu ongazi ukuthi kunzima kanjani ukuthola iPlatinum uma ukhiphe icwecwe lona umlando impela nje ngomfokaMolo.

UmfokaMolo ukhipha amacwecwe angamashumi amabili nathathu nadayise ngaphezu kwesigidi. Ngonyaka ka-2010 ngoFebruwari wakhipha icwecwe elithi Imali YabeLungu. Lelicwecwe lagila izimanga liphumile ngoba phela ngesonto nje liphumile lashaya igolide ngokudayiswa, lelicwecwe lagcina linqobe indondo kuma SATMA Awards ngo-2011 ohlunwi lwamanoni ahamba phambili “Category of best song”. UMadlanduna udlule emhlabeni ngomlaka 01 Ephreli 2010 eneminyaka engu-48. Emculweni wesintu izinsizwa zihlezi zincweka, kanti ke naye uncweke kakhulu noSomnandi umfokaLanga bebanga bona ubunsizwa.

English summary

Bhekumuzi Luthuli is one of the many talented artists that graced the traditional music scene with their artistry, unique music composition and production. Even after his passing, he is a man that many remember as a songwriter who released timeless hit songs. These songs include Amacala, Bengikwenza among many great songs he released.

Leave a Reply