SIP Isicathamiya Music Awards 2021

Kulempelasonto sithi “cothoza mfana” sikunjalo. Ngomgqibelo abathandi bomculo wesicathamiya bazobe behlangene eBAT Centre kumaSIP Isicathamiya Music Awards.  Ingwazi kulomculo wesicathamiya uDkt Victor Mkhize weColenso Abafana Benkokhelo uzokonyeliswa ngeLifetime Achievement Award.

Lomqhudelwano wezindondo (awards) ubamnyaka yonke. Kulonyaka, ongumsunguli walo mqhudelwano uthe uMkhize uqokwe ngenxa yegalelo lakhe ekuqhakambiseni umculo wesicathamiya emazweni angaphandle. Ngokusho kukaSaziso Dlamini weSIP Music Awards, uMkhize usenze okuningi emculweni wesicathamiya kepha akakahlonishwa ngendlela efanelekile. OkaKhabazela oneminyaka engaphezu kwengu-15 eyibambile kulo mculo engagcini nje kwelengabadi kepha naphesheya kwezilwandle. Iqembu iColenso Abafana Benkokhelo yasungulwa ngeminyaka yabo-1970 selihambe amazwe amaningi singabala kuwo iRussia neFrance.

Zizobe zithwelene phezulu, imikhakha ezobe ibhekwe kakhulu, ‘Best Album of the Year’ ezobe ibophele iBizana City Boys, Highlands Vela Brothers, King Star Brothers neNongoma Khethukuthla. Kube ‘Best Africa Unite Song’ yona ephethe iBizana Boys-Madiba, Inkanyamba yaseMtshezi-Xenobia kanye neMachunwini Black Swallows-Covid-19. Eminye imikhakha ezobe ikhona, ‘Best Awareness Song’, ‘Best Song of All Time’, ‘Best EP/Single, ‘Best Song of the Year kanye ne ‘Best Isicathamiya Music Presenter’.

Ziboshelwe impela, kuzobe kukhona neyokukomelisa abalandeli iMost Loyal Fans. Abasohlwini iBergville Green Lovers, Highlands Vela Brothers, Inkanyamba yaseMtshezi kanye neMzukisi Nqukula (Ingwane FM).

Article Overview

The SIP Isicathamiya Music Awards will be taking place this weekend at the BAT Centre. This year, Dr Victor Mkhize, of the Colenso Abafana Benkokhelo group will be honoured with a Lifetime Achievement Award. Mkhize has contributed so much to this music genre over the years. He has been part of isicathamiya for more 15 years. Among the categories that people will be looking forward to is the ‘ Best Album of the year’, ‘Best Africa Unite Son’ and also the ‘Best Song of the year’.