Sekuyisona mthandi womculo wesintu leso sikhathi sokuthi abantu babheme bakholwe ngemicimbi wokuvala unyaka kaZibandlela esuke ihlelwe abahleli bemicimbi yesintu. Sikhuluma lezindaba nje babheme bakholwa abathandi womculo wesintu abahlala KwaMashu namaphethelo. Phela KwaMashu bezisina zidedelana emcimbini obizwa ngokuthi Ubumbano lwamaciko njengoba bekufike amaciko ahlukahlukene ezodlalela abantu. Ukubuya kwemicimbi ekanjena kubuyisa ithemba ikakhulukazi kumaciko nakubathandi balo mculo womdabu. Eminyakeni emningi eyadlule bekuba khona imcimbi yonyaka nonyaka efana naMantshontsho KaMaskandi, iKhuphuka nezakho kanye neminye emningi imidlalo lena. Lemidlalo ayibanga khona ngonyaka ophelile naku lonyaka ngenxa yemithetho kahulumeni yokulwisana nokubhebhetheka kwesifo sikaKhuvethe esikhungethe izwe. Bezidlana imilala impela ngenxa yobuningi bamaciko abemenyile esohlwini lwabazo jabulisa abantu.
Amaciko abehlelwe ngohlu olukabili kukhona i “Lineup” yokuqala kanye neyesibili. Kwi lineup yokuqala bekuhlelwe kanje uShwi Nomtekhala, Khuzani, Dumakahle, Ntencane, Inkosi yamagcokama, Gadla, Malahle, Limit, Sthebe samadixa, Thusokisi kanye nabanye abaningi. Bese kuthi ohlwini olunye kube uMzukulu, Qhosha, Saliwa, Didamaqhawe, Autograph kanye namanye amaciko akhona KwaMashu. Ukuba khona kwale mcimbi ekanjena siyathemba ukuthi kuzoba into yamihla ngoba phela amaciko azondla ngamandla awo njengakho ukuqashwa emdlalweni ehlelwe abahleli. Okunye ngalemcimbi ekanjena ukuthi iveza iphinde inike amaciko amasha iciko lokuziveza abantwini ngoba phela abakabi nedumela futhi nomsebenzi wabo awukasabalali ngokungako. Sesikuyona nje eyamciko kamaskandi, ayi kusindwe ngobethole impela kudela umakhasana kubathandi balomculo phela maningi amaciko akhiphile lenyanga kaZibandlela sibala uDumakahle, Inkosi yamagcokama, uFalabo, uMdumazi ukubala nje abambalwa.
Brief overview
Due to lockdown restrictions nationwide, Maskandi events have been few and far between. This has affected artists massively as most get their revenue through events rather than selling records in the traditional way. The Maskandi event, “Ubumbano lwamaciko”, held in KwaMashu, featured a lot of well-known maskandi artists and offers a glimpse of hope for things returning to the way they were.

Siboniso Langa is a content generator, researcher and practising poet. His work focuses on Zulu oral and material culture, its promotion and preservation. He holds an Honours degree in Community and Development studies from the University of KwaZulu-Natal (UKZN).