Izithelo eziyimvela kancane edolobheni

Uma uvakasha ezindaweni ezingamakhaya noma ezinamahlathi kukhona izithelo oye uhlangane nazo okungavamile ukuthi ungazithola edolobheni noma ezitolo ezinkulu.  Kulesi siqeshana sibheka kafushane izithelo izindoni, amajikijolo kanye nomalibheri. Izindoni uhlobo lwesithelo esithanda indawo enamanzi kanti uma zihluma ziqala zibe luhlaza bese ziye zibe ngathi zibebomvu bese uma sezivuthiwe sezilungele ukudliwa zibemnyama. Kanjalo amajikijolo nomalbheri nazo zivuthwa … Read more

Ezokuncebeleka emabhishi eTheku

ITheku ingenye yezindawo ezihamba phambili kwezokuncebeleka esifundazweni sakwaZulu Natali. Amabhishi avakashelwa kakhulu ngesikhathi sokuphela konyaka. Ngenxa yemigomo yeCovid 19 nokungahlazeki kwamanzi amabhisi ake avalwa izihlandla eziningi kusukela ngonyaka owendlule kuze kube yilonyaka. Inkinga yokungahlanzeki kwamanzi kubukeka ingakaxazululeki. Uzokhumbula ukuthi kuke kwanenkinga nokungcola kolwandle ngemuva kokusha kwenkampani i-United Phosphorus Limited (UPL) ngoJulayi kwangena amakhemikhali olwandle. Kamumva … Read more

Umncintiswano weSand Sculpture eThekwini

Kunezinto oye uthi uma uzijwayele noma uvamile ukuzibona ugcine ungasazinaki kakhulu. Lokho akukhona ukuthi awusayithakaseli noma abanye abantu abayithakaseli. Uma use South Beach eThekwini kunabantu ababumba noma abakha imifanekiso ehlukahlukane ngesihlabathi (sand scripture), lokhu ngenye yezinto abantu abavakashela kuleli bhishi abayithandayo baze bathathe izithombe nemifanekiso eyakhiwe ngesihlabathi. Kepha ubuwazi uthi kubakhona umncintiswano walababumbi besihlabathi? Ophume … Read more

Ukubhukuda echibini

Ukubhukuda ukungena echibini nasesigwedlweni. Ingxenye yechibi enamanzi amaningi, umfula. UMnumzane Ngema unikeze incazelo ngalomdlalo wokubhukuda. Okuqukethwe Umuntu okukhulunywe naye Ngubani odlala lomdlalo? Yini esetshenziswa ukudlala lomdlalo? Udlalwa nini lomdlalo? Udlalwa kuphi lomdlalo? Udlalwa nini lomdlalo? Isitayela sokuzenzela-freestyle Ukutshuza emanzini Umdlalo wengwenya Usizo lwalemidlalo Umuntu okukhunywe naye. Kwakhulunywa noMnumzane A Ngema mayelana nokuthi udlalwa kanjani lomdlalo … Read more

Imizi/Izakhiwo zaseMalokishini

Izakhiwo noma ukwakhiwa kwezindlu sekwehluke kakhulu manje, uma nje uvakashele amalokishi amaningi afana noMashu, uMlazi, Lamontville kanye namanye amaningi uyabona ukuthi kunendlela ethi mayifane yokwakha izindlu. Lokhu ngukwakha kwesimanje lapho khona indlu eyodwa iba namagumbi amaningi ndawonye kepha ehlukene phakathi. Lapha sibala ixhiba eselibizwa ngekhishi “Kitchen” liba negumbi khona la endlini, kube igumbi lokunethezeka “Lounge” … Read more

Izitshalo ezingamakhambi okwelapha

Ukuzelapha ekhaya kuyindlela yomdabu kanye nezindlela zokupheka ezivela ezitshalweni ezikhulile ezingasebenza ukwelapha. Lezi zitshalo zingasetshenziswa ukwelapha, ukudambisa, nokunciphisa izinhlungu. Lezi zindlela azigcini nje ngokugcina isikhathi nemali kepha kulula ukuzididiyela. Nazi izitshalo esingazisebenzisa njengamakhambi Isihlahla sikaBhanana I-Fennel I-Mint I-Granadilla I-Lemon Grass Isihlahla sikaBhanana Cwecwa bese ucuba ubhanana ongakavuthwa bese uwafaka emqubukweni, emuhuzukweni noma esilondeni sokusha. Mboza … Read more