Umncintiswano weSand Sculpture eThekwini

Kunezinto oye uthi uma uzijwayele noma uvamile ukuzibona ugcine ungasazinaki kakhulu. Lokho akukhona ukuthi awusayithakaseli noma abanye abantu abayithakaseli. Uma use South Beach eThekwini kunabantu ababumba noma abakha imifanekiso ehlukahlukane ngesihlabathi (sand scripture), lokhu ngenye yezinto abantu abavakashela kuleli bhishi abayithandayo baze bathathe izithombe nemifanekiso eyakhiwe ngesihlabathi. Kepha ubuwazi uthi kubakhona umncintiswano walababumbi besihlabathi? Ophume … Read more

Ukubhukuda echibini

Ukubhukuda ukungena echibini nasesigwedlweni. Ingxenye yechibi enamanzi amaningi, umfula. UMnumzane Ngema unikeze incazelo ngalomdlalo wokubhukuda. Okuqukethwe Umuntu okukhulunywe naye Ngubani odlala lomdlalo? Yini esetshenziswa ukudlala lomdlalo? Udlalwa nini lomdlalo? Udlalwa kuphi lomdlalo? Udlalwa nini lomdlalo? Isitayela sokuzenzela-freestyle Ukutshuza emanzini Umdlalo wengwenya Usizo lwalemidlalo Umuntu okukhunywe naye. Kwakhulunywa noMnumzane A Ngema mayelana nokuthi udlalwa kanjani lomdlalo … Read more

Imizi/Izakhiwo zaseMalokishini

Izakhiwo noma ukwakhiwa kwezindlu sekwehluke kakhulu manje, uma nje uvakashele amalokishi amaningi afana noMashu, uMlazi, Lamontville kanye namanye amaningi uyabona ukuthi kunendlela ethi mayifane yokwakha izindlu. Lokhu ngukwakha kwesimanje lapho khona indlu eyodwa iba namagumbi amaningi ndawonye kepha ehlukene phakathi. Lapha sibala ixhiba eselibizwa ngekhishi “Kitchen” liba negumbi khona la endlini, kube igumbi lokunethezeka “Lounge” … Read more

Izitshalo ezingamakhambi okwelapha

Ukuzelapha ekhaya kuyindlela yomdabu kanye nezindlela zokupheka ezivela ezitshalweni ezikhulile ezingasebenza ukwelapha. Lezi zitshalo zingasetshenziswa ukwelapha, ukudambisa, nokunciphisa izinhlungu. Lezi zindlela azigcini nje ngokugcina isikhathi nemali kepha kulula ukuzididiyela. Nazi izitshalo esingazisebenzisa njengamakhambi Isihlahla sikaBhanana I-Fennel I-Mint I-Granadilla I-Lemon Grass Isihlahla sikaBhanana Cwecwa bese ucuba ubhanana ongakavuthwa bese uwafaka emqubukweni, emuhuzukweni noma esilondeni sokusha. Mboza … Read more

Izinyoni zezulu

Ziningi izinto umuntu akhule etshelwa ngazo. Lezi zinto zazishiwo abantu abadala ukusifundisa kabanzi ngempilo nangemvelo.  Imfundiso engumkhombandlela wesimo isithile noma isimo okumele sisiqikelele. Lokhu kuphinde kube yindlela yokudlulisa ulwazi ngosikompilo lwesintu.  Sikhule kunezinyoni obekuthi uma zibonakele noma zakhala kusho isimo sezulu esithile sezulu esizayo. Kulezi zinyoni ngingabala kuzo uthekwane, insingizi, ufukwe kanye nenkonjane. Uthekwane udume … Read more

Ukubaza II

Ukubaza lokhu kubaluleke kakhulu njengoba iningi lezinto esizisebenzisayo zakhiwe ngogodo emakhaya, okubalwa kukho izinkamba, izinqoko, izinkezo kanye nezigqiki nezibhuku njengoba sikuvezile ekhasini lokuqala lokubaza. Kuleli khasi siqhubeka la sigcine khona sihlanganisa ixhama. Izinkezo, Izingxwembe namaPhini. Lezi yizinto zasexhibeni, ezisetshenziswa uma kuphekwa, okubalwa ukugovuza ibhodwe noma ke ukumaya uma sekuqedwe ukupheka. Ukubaza lokhu kwenziwa ngisho abakhapheyana … Read more