Ingabe abantu bayakholelwa emakhambini esintu ukuthiba iCOVID?

Ukusetshenziswa kwamakhambi esintu yinto ejwayelekile futhi yinto engesilona ihlazo. Noma ingesilona ihlazo kodwa ke kukhona futhi kuningi ukucwaseka nokubekeleka phansi kokusetshenziswa kwamakhambi esintu. Iningi labantu lincamela ukuya kubahlengikazi abasebenzisa indlela yesilungu yokwelapha kunendlela yesintu. Abanye bayakufihla ngisho ukukufihla ukuthi umuntu ubeye esangomeni noma enyangeni ukuyothola usizo ngenkinga abhekene nayo. Kwisifunda sakwaZulu, baningi kakhulu abasebenzisa amakhambi … Read more

Amakhambi adiyasa eMakethe

Isintu siyinsila yomuntu noma ungayaphi kodwa kuhlezi kuyinto ekhona, abasuka emakhaya beyokwakha esilungwini, emolokishini kuyafana. Ngisho ungabashintsha abantu indlela abenza ngayo bashintshele kwisimanje kodwa uyabona ukuthi kunezinto engeke bashintshe kuzo, lapha ke sikhuluma ngendaba yokuzelapha ngesintu. Ngoba sesiphila esikhathini sesilungu nje sakwaba khona nama-“medical aid” okuwuhlelo lokuzisiza kulaba abakwazi ukuwakhokhela. Lokhu kusho ukuthi umuntu ogulayo … Read more