Uma uvakasha ezindaweni ezingamakhaya noma ezinamahlathi kukhona izithelo oye uhlangane nazo okungavamile ukuthi ungazithola edolobheni noma ezitolo ezinkulu. Kulesi siqeshana sibheka kafushane izithelo izindoni, amajikijolo kanye nomalibheri.
Izindoni uhlobo lwesithelo esithanda indawo enamanzi kanti uma zihluma ziqala zibe luhlaza bese ziye zibe ngathi zibebomvu bese uma sezivuthiwe sezilungele ukudliwa zibemnyama. Kanjalo amajikijolo nomalbheri nazo zivuthwa ngendlela efanayo, ziba luhlaza, ziye zibe bomvu bese ziyavuthwa zibonakale ngokuba mnyama.
Umsuka walezi zithelo awaziwa njengoba isikhathi esiningi ziyazimilela. Ezindaweni ezingamakhaya, nezinamahlathi uye uhlangane nalezizithelo. Amajikijolo kuyenzaka uwathole edayisa, njengoba enezinhlobo ngezinhlobo ezahlukene ezikhona zawo kanti futhi abuye abe ukudla okulula okutholakala nakuma-yogurts. Kubikwa ukuthi amajikijolo abhekwa njengokudla okuphezulu njengoba acebe ngezodla-mzimba.
izindoni/waterberries
photo: amazon.inamajikijolo/bushberries
photo: Louise Brodiemalibheli/mulberry
photo: hithkarinursery.com
Kulezi zithelo esizibhekayo izindoni izona ezingavamile kakhulu ukutholakala noma ikuphi nje. Zinhle izindoni uma uzibuka, kwazise phela kwaze kwakhiwa isaga ngazo. Umalibheri nawo awasona isithelo esikhona yonke indawo kepha utholakala uma uwaqhathanisa nezindoni noma namajikijolo, lezizithelo zidliwa zingathakiwe ziphinde zisetshenziswe ekwakheni iziphuzo ezalukene.
Article Overview
There are things you hardly find in the city that you may have to visit certain places or the rural areas for them. Waterberries, bushberries and mulberries are among the things you may not find in the city or supermarket. These fruits usually grow on their own especially in the rural areas and forests. Waterberries grown in the moist placces near the spring or river. Bushberries can grow anyway with the fertile soil and the mulberries are more common among these three fruit. These fruits are rear to find in the city, but you find them you can help but enjoy the goodness of nature. They are rich in mineral and also used to produce different drinks.