Ukutshalwa Kwabhatata

Ubhatata isitshalo esitshalwa ezindaweni zasemakhaya esimnandi futhi esinomsoco. Lesisitshalo singesinye esithela ngaphansi komhlabathi njengamadumbe, amazambane kanye namantongomane kanti futhi kuthatha isikhathi eside ukuthi silungele ukudliwa. Imbewu Kabhatata Imbewu kabhatata ayifani nezinye izimbewu eziyizinhlamvu, wona uma ufuna ukuwutshala ukha amakhasi awo lapho ukade utshalwe khona, kujwayeleke ukuthi uma kukhona okade ewutshalile endaweni angawuvuni wonke ngoba enzela … Read more

Ukusetshenziswa Kwesihlahla uRosilina (Rosemary)

Isihlahla uRosilina (Rosemary) esikhathini sakudala sasitshalwa emapulazini nasezindaweni zabelungu. Lesihlahla sisetshenziswa kakhulu ngabelaphi bendabuko okuyizangoma nezinyanga. Lesihlahla senza umuthi wenhlanhla uma sesithakwe neminye imithi. Loluhlobo alutholakali kakhulu ezindaweni ezihlala abantu abamnyama. Okubalulekile ngalomuthi ukuthi abantu abawusebenzisayo akufanele beqe isithako noma isikhathi esibekelwe ukusetshenziswa kwawo ngoba kuthi uma wenze lelophutha awube usakulethela izinhlanhla lezo obuzilindile kodwa … Read more

Ukusetshenziswa Kwesiduli Ekhaya

UMama uBongi Mzimela ohlala endaweni yaseCongo, eNanda ongowokudabuka kwaZulu usichazela ngesiduli kanye nemisebenzi eyayenziwa ngaso ezikhathini zakudala okusaqhubeka nokwenziwa namanje yilabo abanalo ulwazi ngaso. Isiduli sitholakala kakhulu ezindaweni ezingamahlathi noma izintaba. Isiduli singasichaza njengenhlabathi eqoqekile yenziwa igqumana nje, sihlala isilwanakazana esaziwa ngokuthi umuhlwa. Imisebenzi yesiduli Ezindaweni zasemakhaya njengoba sazi ukuthi izinto eziningi bayazenzela bona ngokusebenzisa … Read more

Ukusetshenziswa Kwamanzi

Kuqala abantu babephila ngezinto eziyimvelo ngoba zazingekho izitolo nezindawo lapho babengathenga khona izinto ezazingabasiza baphile. Imvelo into oyifica lapha emhlabeni eyadalwa uNkulunkulu, isetshenziswa yinoma ngubani futhi ayikhokhelwa. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi izinto zashintsha ngoba kuningi okukhokhelwayo. Bathi abantu abadala babengazi ukuthi kuyofika isikhathi lapho bekhokhela khona amanzi nokuqala ukubasa umlilo sekwaba yimali ukukhanyisa endlini sekwaba yimali. … Read more

Ukusetshenziswa Kwamafutha Enhlwathi Ngabantu

Ziningi izinto ezisetshenziswa ekhaya uma kunomuntu ongaphilanga ekungaba izitshalo, imfuyo, izilwane zasendle njalonjalo. Abantu ulwazi lokusetshenziswa kwalezinto bacobelelana ngalo emindenini yabo kodwa olunye lwaziwa yilabo abangabelaphi bendabuko, izangoma nezinyanga. Lapha sikhuluma noma sibheka indaba kamama othi wazibonela lenyoka ikhishwa amafutha ayo nokusetshenziswa kwamafutha enyoka inhlwathi. Kuthiwa ukubona lenyoka kuyinhlanhla enkulu. Lenyoka akujwayelekile ukuthi ihambe yodwa … Read more

Ukusetshenziswa Komuthi Wentando

Ngezikhathi zakudala abantu baKwaZulu babekholelwa kakhulu emithini yesintu. Kwakuhluka kuphela ukuthi umuntu yena uwusebenzisa kanjani. Abanye kwakuba ukuthakatha abanye bephilisa ngayo abanye bahlanganise amakhambi okuvusa imizi uma bebona ukuthi sekuyonakala. Umuthi wentando umuthi owawukhona ngisho kubantu basemandulo kodwa babewusebenzisa ngenye indlela ngoba umuntu oyinyanga noma oyisangoma babengamniki umuntu ongaganile. Noma banike intombi uma isizogana. Kungani … Read more