Ziningi izinto ezisetshenziswa ekhaya uma kunomuntu ongaphilanga ekungaba izitshalo, imfuyo, izilwane zasendle njalonjalo. Abantu ulwazi lokusetshenziswa kwalezinto bacobelelana ngalo emindenini yabo kodwa olunye lwaziwa yilabo abangabelaphi bendabuko, izangoma nezinyanga. Lapha sikhuluma noma sibheka indaba kamama othi wazibonela lenyoka ikhishwa amafutha ayo nokusetshenziswa kwamafutha enyoka inhlwathi. Kuthiwa ukubona lenyoka kuyinhlanhla enkulu. Lenyoka akujwayelekile ukuthi ihambe yodwa kuhleli kunenye eduze kwayo.
UMama Nelisiwe Sibiya uthi ngelinye ilanga wathi eyozithezela, esaqala ukungena ebuntombini, wathi esethezile waqeda wathatha izinkuni zakhe wazibeka etsheni. Usethi uma esefuna ukuzithwesa usebona ngezinkuni ziwa, uma ethi uyaphenduka uyabheka kukhona inyoka inhlwathi lapho ebebeke khona izinkuni. Uthi ngaleso sikhathi inyoka yayigingile, wathatha izinkuni wazibeka phansi wase ethatha iwuka, wayiwuka ngesibopho. Inyoka ayinyakazanga waze wafika nayo ekhaya kubo. Kuthe esesesangweni kwaphuma ubaba omcane wakhe owayeyinyanga. Wamyalela ukuthi angangeni ngaphakathi emagcekeni omuzi ngoba uphethe inyoka. Uthi baphuma kubo nembuzi bayibulala, bathatha igazi lembuzi bachela ngalo inyoka. Sebeqedile lokhu bayibulala inyoka. Uthi uMama Sibiya bathatha umkhonto bayilalisa ngomhlane bayisika lapho kumhlophe khona esisweni. Okwamangaza kakhulu ukuthi ngenkathi beyisika yayihlangana lapho beyisika khona sengathi akwenzekanga lutho, baze babona inhliziyo yayo ukuthi isesiswini, bagwaza inhliziyo kwayilapho ifa khona. Kuningi amfundisa kona ubaba omncane wakhe ngalolusuku ngamafutha enhlwathi.
Okwenziwa ngamafutha enhlwathi
Amafutha enhlwathi ayasiza kakhulu uma umuntu enezilonda ezingapholi lezi engathi zithelwe ngomlotha, eziphuma amanzi. Uma kuthathwa amafutha agcotshwe kuzona izilonda ziyavaleka zithi thanqa. Akupheli izinsuku ezingaki ziphele.
Kubantu abafuyile umafutha enhlwathi ayasiza futhi. Uyawathatha amafutha uphinde uthathe uboya begalipiki. Ukuthathe ukuhlanganise ndawonye uthathe amalahle avuthayo ukushise. Kufanele intuthu umuntu lowo aqinisekise ukuthi ibheke emfuyweni yakho. Kuthiwa imfuyo iyanda ngalendlela emangalisayo. Kunenkolelo yokuthi okwenza imfuyo yande ukuthi phela igalipiki lizala njalo kanti amafutha enhlwathi ayinhlanhla kwawona ngoba kwayona uma uyibonile iyinhlanhla. Yingakho imfuyo yanda. Lomkhuba kuthiwa kufanele wenziwe ekuseni imfuyo ingakaphumi esibayeni. Lokho kubizwa ngokuthi umkhumiso wezinkomo nezimbuzi.
Kuthiwa ezikhathini zakudala inyoka yenhlwathi kwakwenzeka ifike ingene esibayeni kodwa ingazidli izinkomo esibayeni. Kuthiwa abantu babehlaba inkomo icelwe ngegazi layo inyoka. Kuthiwa abanye babekwazi ukuthi bayiphonsele ubuhlalo obumhlophe, bese inyoka iyabadlalela iphenduke ihuhuluze ngesisu ilokhu iphenduka. Nakhona kwakuya ngenhlanhla yomuntu. Ikakhulukazi yayivamise ukubonwa ngabantu abangamawele ngoba nazo zivamise ukuhamba ngazimbili.
Inyoka inhlwathi iyinhlanhla futhi yayiyinhlanhla ngoba nakuqala kwakuvamise ukuthi ibuye nezangoma kodwa manje akusavamile ukuthi kube khona isangoma esinyamalalayo sibuye nenhlwathi. Izinto eziningi zazivamise ukuthi zenzeke kudala ngoba akekho manje umuntu ongathi wake wawubona unomkhubulwane kwagcina ngokhokho bethu kanye nogogo bethu.
English Summary
This article is a legend story about what people do with python fat. Traditional healers are known to use animal parts in their medicines. They consider a python a snake of luck such that they slaughter a cow or cattle when they have hunted it and want to use it for healing purposes.
By: Nqobile Mdabe
What is igalipiki in english
If I’m not mistaken its called a Guinea Pig (igalipiki). but I’m subject to correction.
What does it mean if you dream of inhlwathi?
Hi, according to amaphupho.co.za (https://amaphupho.co.za/amaphupho-ngenhlwathi/): “Uma uphupha inhlwathi ikupoqoza kusho ukuthi amadlozi akhuluma nawe.” Your question will also be added to our January Q&A in case other users also have answers for you.
Ulwazi Programme
Sibongile.nguwuphi umthi owusebenzisa xa uphupha bese uvuka ulibele iphupha elo?
Isambulo
Does amafutha enhlwathi help on someone with operation
Yebo ayasiza ukushesha ukupholisa.
Atholakala njani
Mina nginombuzo nginephupho engaliphupha ngonyakophelile ngiphupha inhlwathi brown and black igijima phakathi kwemvula enkulu kodwa ikhanda nomsila angikubonanga ngangilobe ngibone umzimba ugijima ngabe lichaza ukuthin iphupho nanamhlanje ngisafisa ukwazi
Ukuthola incazelo ngamaphupho cofa lapha https://iafrika.org/amaphupho-nezincazelo/
Where can I buy amafutha enhlwathi?
Ungabheka ezindaweni ezidayisa imithi yesintu
Atholakala kuphi eDurbs
Amafutha enhlwathi kusilonda somdlavuza ayasebenza yini?
Ayasebenza esilondeni. Cofa lapha ukuthola olunye ulwazi: Izitshalo ezingamakhambi okwelapha
Yeah uwombona ngani ukuthi yiwona ngoba bayarobha abantu langa phandle
Angawobona njani ukuthi yiwona ngempela
Ingabe ama futha ayasiza Uma uphethwe indlebe
Yebo, cofa lapha ukuthola olunye ulwazi : Ukwelapha Ngemithi Yesintu Ekhaya