Ukungena Komkhosi: Uselwa

Ngelanga lomkhosi kufika amantombazane asuka kuwo wonke amagumbi esizwe saleyo nkosi eletha utshwala bomkhosi, lobutshwala abuthwalwa ngezinkamba kepha buphathwa ngezigubhu kanye nangezichumo. Okuthi ngalo lelilanga amabutho aphume ayobamba inkunzi yemibengo. Lenkunzi ikhethwa ezinkunzini ezimnyama zekhethelo, zikhethwa zisengamathole konina, zihlale zodwa zingadibani nhlobo nezinsikazi. Lenkunzi yemibengo ayihlatshwa kepha ibanjwa amabutho ayiphule intambo, lenkunzi iqale ichelwe yinyanga … Read more

Ukulungiselela koSelwa

Sisekuyo lendaba yomkhosi woSelwa, ngalenkathi kulungiselwa lomkhosi, inkosi nayo isuke yenza awayo amalungiselelo. Okokuqala nje, yayingalubhadi nhlobo elawini nowakwayo, kepha ihlala endlini yobukhosi ebizwa ngeNkatha. Kulendlu kwakungena yona, unina wayo kanye nesalukazi esidala esingayazi nhlobo indlu yengwenya. Lendlu akuvumelekile kungene abantu besimame ngaphandle kwalaba ababalwe ngenhla, ngisho nabesilisa nabo ngaphandle ke kozalo lasebukhosini kanye nenyanga … Read more

Ukunyathela Uselwa

Miningi imikhosi yesintu yesiZulu ebigujwa neminye esabungazwa kumanje, okungabalwa kuyo umkhosi wakomkhulu obizwa ngoMkhosi woMhlanga, kube uNomkhubulwane kanye neminye eminingi. Lomkhosi omkhulu wabe ugujwa iminyaka yonke ekungeneni kwekwindla ngenyanga kaMasingana. Lo mkhosi usho ukuqala ukudla ukudla okusha. Bekunomthetho wokuthi inkosi kuqala emaya ukudla okusha nalapho ibingaveli yenze nje, kodwa bekunomgudo olandelwayo. Inkosi ibingakudli nhlobo lokudla kuze kufike … Read more

Umkhosi WamaGanu

King Goodwill Zwelithini

Isizwe sikaPhunga noMageba sicebe kakhulu ngokosiko kanjalo usiko luvame ukugqama ngemikhosi eqhakambisa amaZulu. Imikhosi edume kakhulu yilowo woMhlanga kanye nowokweShwama. Kanti ke ikhona eminye, emihle futhi nayo edinga ukuqhakambiswa. Isibonelo seminye yemikhosi emihle yamaZulu yilowo wamaGanu. Umkhosi wamaGanu owaziwa ngesiNgisi njenge-Amarula Festival, ugujwa njalo uma kuqala inyanga kaNhlolanja (February). Lo mkhosi wenzeka nje kusuke kubungazwa … Read more