UKweshwama ekhaya
Sike sathi qaphu ngendaba yomkhosi woSelwa kulengosi yolwazi, ngithi ke angikubalule ukuthi akusibo bonke abantu abaya esigodlweni ukuyobungaza lomkhosi, kepha lomkhosi uyagujelwa emakhaya kulaba abangayanga esigodlweni. Abakude kanye nezingane abayi esigodlweni, kepha bashwamela ekhaya. Emva sekuzwakele ukuthi inkosi isinyathelile uselwa, kuba ithuba leziphakanyiswa zezinhlanga ngezinhlanga zenkosi njengoMntungwa, oDlaba, kanye noShenge kanye nabanye okuba babize abangaphansi kwabo … Read more