UKweshwama ekhaya

Sike sathi qaphu ngendaba yomkhosi woSelwa kulengosi yolwazi, ngithi ke angikubalule ukuthi akusibo bonke abantu abaya esigodlweni ukuyobungaza lomkhosi, kepha lomkhosi uyagujelwa emakhaya kulaba abangayanga esigodlweni. Abakude kanye nezingane abayi esigodlweni, kepha bashwamela ekhaya. Emva sekuzwakele ukuthi inkosi isinyathelile uselwa, kuba ithuba leziphakanyiswa zezinhlanga ngezinhlanga zenkosi njengoMntungwa, oDlaba, kanye noShenge kanye nabanye okuba babize abangaphansi kwabo … Read more

Ukungena Komkhosi: Uselwa

Ngelanga lomkhosi kufika amantombazane asuka kuwo wonke amagumbi esizwe saleyo nkosi eletha utshwala bomkhosi, lobutshwala abuthwalwa ngezinkamba kepha buphathwa ngezigubhu kanye nangezichumo. Okuthi ngalo lelilanga amabutho aphume ayobamba inkunzi yemibengo. Lenkunzi ikhethwa ezinkunzini ezimnyama zekhethelo, zikhethwa zisengamathole konina, zihlale zodwa zingadibani nhlobo nezinsikazi. Lenkunzi yemibengo ayihlatshwa kepha ibanjwa amabutho ayiphule intambo, lenkunzi iqale ichelwe yinyanga … Read more

Ukulungiselela koSelwa

Sisekuyo lendaba yomkhosi woSelwa, ngalenkathi kulungiselwa lomkhosi, inkosi nayo isuke yenza awayo amalungiselelo. Okokuqala nje, yayingalubhadi nhlobo elawini nowakwayo, kepha ihlala endlini yobukhosi ebizwa ngeNkatha. Kulendlu kwakungena yona, unina wayo kanye nesalukazi esidala esingayazi nhlobo indlu yengwenya. Lendlu akuvumelekile kungene abantu besimame ngaphandle kwalaba ababalwe ngenhla, ngisho nabesilisa nabo ngaphandle ke kozalo lasebukhosini kanye nenyanga … Read more