Sisekuyo lendaba yomkhosi woSelwa, ngalenkathi kulungiselwa lomkhosi, inkosi nayo isuke yenza awayo amalungiselelo. Okokuqala nje, yayingalubhadi nhlobo elawini nowakwayo, kepha ihlala endlini yobukhosi ebizwa ngeNkatha. Kulendlu kwakungena yona, unina wayo kanye nesalukazi esidala esingayazi nhlobo indlu yengwenya. Lendlu akuvumelekile kungene abantu besimame ngaphandle kwalaba ababalwe ngenhla, ngisho nabesilisa nabo ngaphandle ke kozalo lasebukhosini kanye nenyanga eyelapha inkosi kuphela.
Kulendlu le, inkosi ihleli nezinsila zayo kanye nenyanga incinda izinsizi kuphela zokuziqinisa kanye nezintelezi ezisetshenziswayo. Kukhona nezintelezi ezinamandla inkosi ezisebenzisa phakathi kwababili, kulezintelezi kubalwa kuzo izibamlilo elicisha izizwe, umlulama, umkhokha kanye nentolwane ukubala ezimbalwa nje. Kuphinde kulungiswe nezihlazi ezimbomvu kanye nobulawu obumhlophe yona ke inkosi ephalaza ngabo.
Kanti ke nezinsizi ezithakwe ngamafutha amabhubesi, ezingwe, obhejane, izinsele kanye namafutha abezitha abawayi. Inkosi le belu iyagcatshwa bese kufakwa igazi lembuzi emnyama elikhishwa enxebeni ngasenhliziyweni imbuzi iphila, okuthi uma sekukhishwe lelo gazi inqunywe kodwa ke ayimaywa nhlobo, kepha ishiswa inyanga ngomlilo obaswa esibayeni ize iphele yonke ibe umlotha ilothe.
Ngesikhathi konke lokhu kwenzeka, inkosi isuke ihlaliswe amabutho ayo, wona asuke ekake umuzi akhe amadlangala, kuba kusho ingoma ehuba egubha komkhulu. Ngokuphakama kwelanga amabutho ahlangana enkundleni eholwa amagosa, eviva ephethe izihlangu, ehuba izaga zempi. Enye intelezi esetshenziswayo eyokukhafula ilanga, likhwifwa ngomhlanga ekuseni liphuma kanti ke noma selithambeme kwenziwa okufanayo, likhwifwa yiyona njalo inkosi. Ilokhu isuke ikwenzela ukuthi lingayeleki ngamandla kulezi zinsuku ilungisela umkhosi woSelwa.
Brief Overview
This article continues on the Uselwa Festival which was discussed in the previous article. This article then focuses on the preparations for the festival, during which the king undergoes some traditional rituals before the actual day of the festival.