Ukusetshenziswa Kwamafutha Enhlwathi Ngabantu
Ziningi izinto ezisetshenziswa ekhaya uma kunomuntu ongaphilanga ekungaba izitshalo, imfuyo, izilwane zasendle njalonjalo. Abantu ulwazi lokusetshenziswa kwalezinto bacobelelana ngalo emindenini yabo kodwa olunye lwaziwa yilabo abangabelaphi bendabuko, izangoma nezinyanga. Lapha sikhuluma noma sibheka indaba kamama othi wazibonela lenyoka ikhishwa amafutha ayo nokusetshenziswa kwamafutha enyoka inhlwathi. Kuthiwa ukubona lenyoka kuyinhlanhla enkulu. Lenyoka akujwayelekile ukuthi ihambe yodwa … Read more