Ukusetshenziswa Kwesiduli Ekhaya

UMama uBongi Mzimela ohlala endaweni yaseCongo, eNanda ongowokudabuka kwaZulu usichazela ngesiduli kanye nemisebenzi eyayenziwa ngaso ezikhathini zakudala okusaqhubeka nokwenziwa namanje yilabo abanalo ulwazi ngaso. Isiduli sitholakala kakhulu ezindaweni ezingamahlathi noma izintaba. Isiduli singasichaza njengenhlabathi eqoqekile yenziwa igqumana nje, sihlala isilwanakazana esaziwa ngokuthi umuhlwa. Imisebenzi yesiduli Ezindaweni zasemakhaya njengoba sazi ukuthi izinto eziningi bayazenzela bona ngokusebenzisa … Read more

Ukusetshenziswa Kwamafutha Enhlwathi Ngabantu

Ziningi izinto ezisetshenziswa ekhaya uma kunomuntu ongaphilanga ekungaba izitshalo, imfuyo, izilwane zasendle njalonjalo. Abantu ulwazi lokusetshenziswa kwalezinto bacobelelana ngalo emindenini yabo kodwa olunye lwaziwa yilabo abangabelaphi bendabuko, izangoma nezinyanga. Lapha sikhuluma noma sibheka indaba kamama othi wazibonela lenyoka ikhishwa amafutha ayo nokusetshenziswa kwamafutha enyoka inhlwathi. Kuthiwa ukubona lenyoka kuyinhlanhla enkulu. Lenyoka akujwayelekile ukuthi ihambe yodwa … Read more

Ukusetshenziswa Komuthi Wentando

Ngezikhathi zakudala abantu baKwaZulu babekholelwa kakhulu emithini yesintu. Kwakuhluka kuphela ukuthi umuntu yena uwusebenzisa kanjani. Abanye kwakuba ukuthakatha abanye bephilisa ngayo abanye bahlanganise amakhambi okuvusa imizi uma bebona ukuthi sekuyonakala. Umuthi wentando umuthi owawukhona ngisho kubantu basemandulo kodwa babewusebenzisa ngenye indlela ngoba umuntu oyinyanga noma oyisangoma babengamniki umuntu ongaganile. Noma banike intombi uma isizogana. Kungani … Read more

Ukuphuma Indlu Kukamakoti Emzini

UMama uNelisiwe Sibiya ohlala eNanda usichazela ukuthi kuqala kwakwenziwa njani uma umamezala ekhipha umakoti indlu yakhe. Kuyaziwa ukuthi uma ngabe umakoti esephuma indlu kusuke kwandiswa umuzi walesosibongo umuntu asuke eganele kusona. Umakoti omdala yena ngesintu akuvamisile ukuthi akhishwe indlu kuvamise ukuthi kukhishwe umakoti ophakathi kuthi umakoti ogane indodana yokugcina yomuzi naye unelungelo lokuhlala nomamezala kodwa … Read more

Ukulashwa kwesifo senyoni enganeni

Isifo senyoni siyisifo esiphatha umntwana osanda kuzalwa. Izimpawu zalesisifo ukuthi ummntwana uyathuka uma elele, abe nebala ngasesiphundu, aqubuke emzimbeni, akhishwe isisu esingajwayelekile ngoba usuke ekhipha okusazintambo futhi okuluhlaza nokuthi abe neqhubu elimumilayo emankankeni. Umntwana uqala ukubonakala ngemuva kwezinyanga ezimbili ukuthi unaso lesisifo. Lesisifo sinamazinga ngokunjalo nokulashwa kwaso. Asilashwa yinoma ubani ngaphandle komuntu owacotshelelwa ulwazi omunye … Read more

Ukulapha Isifo Samahlaba Enganeni

Amahlaba into evamise ukuphatha kakhulu izingane uma zisencane. Izimpawu ezibonakalayo enganeni uma iphethwe amahlaba ukuthi ingane iboqoke emaceleni esiswini. Lapho ingane isuke isiphethwe iwona amahlaba ngoba uyizwa nangokukhala kwayo izibhonqa. Amahlaba ayalapheka noma alahlwe enganeni uma ivamise ukuphathwa yiwo. Izinto ezidingekayo uma sekulahlwa amahlaba enganeni: – Amahlamvu esihlahla unokhovela – Isihlahla esisanda kumila sikatamatisi – … Read more