Amahlaba into evamise ukuphatha kakhulu izingane uma zisencane. Izimpawu ezibonakalayo enganeni uma iphethwe amahlaba ukuthi ingane iboqoke emaceleni esiswini. Lapho ingane isuke isiphethwe iwona amahlaba ngoba uyizwa nangokukhala kwayo izibhonqa. Amahlaba ayalapheka noma alahlwe enganeni uma ivamise ukuphathwa yiwo.
Izinto ezidingekayo uma sekulahlwa amahlaba enganeni:
– Amahlamvu esihlahla unokhovela
– Isihlahla esisanda kumila sikatamatisi
– Amanzi
Njengayo yonke imithi yokwelapha izingane nalokhu kwenziwa uma amafu ecwebile ngezikhathi zasekuseni. Ingane iyathathwa kuphunyelwe nayo ngaphandle kwegceke noma komuzi, kundlalwe icansi bese ingane iyakhunyulwa ibenqunu. Kuthathwe uhlamvu lanokhovela isihlahla kushaywe ngalo ingane esiswini. Kuzothi uma sekuqediwe ukushaywa ingane lithathwe lona ihlamvu lelo ligxotshwe. Kuthathwe nesithombo sikatamatisi naso sigxotshwe kuhlanganiswe ndawonye. Bese kuyabiliswa kubekwe kuze kuphole. Uma sekupholile kuyacwengwa bese kuchathwa ingane. Kunenkolelo yokuthi ingane izobe isikhipha konke ukungcola okungaphakathi kuyona ekuyigulisayo. Isihlahla inokhovela sitholakala emahlathini ezindaweni zasemakhaya eduze nomfula.
Izihlahla noma izitshalo zazibalulekile futhi zisabalulekile ekuphileni kwabantu. Kodwa futhi iningi alizazi ezelaphayo ngoba ulwazi luyashabalala usuku nosuku. Abantu abasanolwazi olunzulu ngezihlahla noma izitshalo ezelaphayo abelaphi bendabuko izinyanga, izangoma njalonjalo. Bona baphinde babenenhlanhla yokuthi bayakwazi ukuxhumana nabantu abangasekho okuyibona ababakhombisayo ukuthi ukulapha isifo esithile kufanele bahlanganise miphi imithi. Ngoba kutholakala nokuthi thina bantu singazitshela ukuthi umuthi othile awudliwa unoshevu kodwa bona bakwazi ukuwuhlanganisa neminye edliwayo kulapheke isifo esithile. Izihlahla zemvelo zibalulekile kufanele sizivikele kahle futhi sikugweme ukuwacekela phansi.
UMama uNelisiwe Sibiya oyisangoma okunguyena ositshele kabanzi ngokulashwa kwamahlaba enganeni uthi okunye okwakwenziwa yizangoma zakudala uma zizolapha umuntu, zazimthatha zilale naye esigodlweni khona izidalwa noma abangasekho bezosikhanyisela kahle ngendlela ekufanele amelaphe ngayo lowomuntu noma imithi ekufanele isetshenziswe ekumelapheni.
English Summary
This article focuses on how to treat stomach cramps in a child.
By: Nqobile Mdabe
Source: Mama Nelisiwe Sibiya waseCongo, eNanda
Sawubona mama syabonga ulwaz osipha lona nginombuzo la ingane uma ingakhishwanga udende mhla izalwa ilashwa ngani Uma isihlupha ngokugula
Cofa lapha ukuthola ulwazi: Amakhambi Esintu