Ukwelapha Ngemithi Yesintu Ekhaya

Umzimba omubi onamathumba Uma uhlushwa amathumba umzimba wonke, awomzimba omubi noma yilawo abonakala ngokuthi amile nomaphi emzimbeni, njengokuthi lithi lingakakhanywa sekumile elinye. Lowo muntu ulashwa ngokuthi kuthathwe ingwebu yotshwala besintu uma kade kugayiwe ekhaya noma imvubelo (yisti) yasesitolo iluhlaza lena eyiqhuzu hhayi impuphu. Iyathathwa ihlanganiswe nobisi bese lowo muntu aphuziswe leyongxube. Lokhu kwenzelwa ukuwabulala ngaphakathi … Read more

Ubungozi Bengwenya Nezimpilo Zabantu

Akekho umuntu ongazi ukuthi ingwenya iyingozi enkulu ezimpilweni zabantu nasezilwaneni ikakhulukazi imfuyo. Lesilwane asigcini ngokuba yingozi uma sisaphila kuphela abasaziyo bathi siyingozi kakhulu uma sesifile. Ingwenya uma isifile inomsebenzi omkhulu ebantwini njengabelaphi bendabuko, abasebenzisa izingxenye zayo ukuqhuba umsebenzi wabo. Kanti futhi isikhumba sayo sisetshenziselwa ukwenza izicathulo ezisezingeni eliphezulu. Lapha sizogxila ekulapheni ngaso lesisilwane. Umuntu osixoxela … Read more

Izindlela Zokuzelapha Ekhaya

Ukuzelapha ekhaya ngendlela yesintu: Ithumba Uma unethumba ufuna lisheshe livuthwe khona uzolikhama, uhlanganisa ushukela nensipho enemisebe yelanga, bese unamathisela kuleyondawo oyisola ukuthi inethumba, ulale ukufakile wakuvala ngendwangu, liyavuthwa ithuma kuvele nomlomo bese kubalula ukuthi likhameke nezinhlungu zingabi khona kakhulu. Izinyo Uma uhlushwa amazinyo enezimbobo, uthatha intuma enkulu itholakala ehlathini, ikhandlela, nendishi enamanzi. Ikhandlela uyalikhanyisa ulifake … Read more

Ingxoxo KaMnz Cele

Isangoma, uMnumzane Vukani Cele Umnumzane Vukani Cele, uhlala eMbumbulu uyisangoma usichazela ngobungoma. Uma uzoba yisangoma uqala ugule, usizo ngeke uluthole noma kuphi, kodwa kufanele uye kothwasa esangomeni, ngoba usuke usungenwe abantu bakini asebashona noma abangasekho (amadlozi) abasuke befuna ube yisangoma. Uqala ngokuthwasa lapho usuke ufundiswa esangomeni izinto ezahlukene njengokubhula, imithi, inhlonipho kanye nokuziphatha. Kunemigomo nemithetho yakhona … Read more