Izindlela Zokuzelapha Ekhaya

Ukuzelapha ekhaya ngendlela yesintu:

Ithumba
Uma unethumba ufuna lisheshe livuthwe khona uzolikhama, uhlanganisa ushukela nensipho enemisebe yelanga, bese unamathisela kuleyondawo oyisola ukuthi inethumba, ulale ukufakile wakuvala ngendwangu, liyavuthwa ithuma kuvele nomlomo bese kubalula ukuthi likhameke nezinhlungu zingabi khona kakhulu.

Izinyo
Uma uhlushwa amazinyo enezimbobo, uthatha intuma enkulu itholakala ehlathini, ikhandlela, nendishi enamanzi. Ikhandlela uyalikhanyisa ulifake endishini yokugeza enamanzi, bese usika intuma phakathi nendawo, uyishise kulelikhandlela elisendishini enamanzi. Uma sekuqala ukuphuma intuthu emnyama kulentuma oyishisa ngekhandlela kufanele ukhamisele kuyo lentuthu yentuma uqondanise nezinyo elibuhlungu. Lentuthu izoshaya noma izongena ezinyweni lifudumale bese siyaphuma isibungu esenza izinyo elibuhlungu.

Kuthiwa ukugcina amazinyo akho emahle jwayela ukuthi uwageze ngelahle, awabi nenkinga yokubola nokuthi abe nezibungu. Uthatha ilahle uligaye licolisakale bese uthatha indwangu ehlanzekile ucobhoze kulelilahle bese uhlikihla emazinyweni.

Isixhwazi noma indawo ebuhlungu emzimbeni
Uma unobuhlungu bokuthi walimala noma washayeka wophela ngaphakathi, kwangaphuma gazi, ngaphandle kubukeka kupholile ngoba asikho isilonda kodwa ngaphakathi kubuhlungu. Leyondawo uyilapha ngendlonzo, uyalithatha idlonzo uligxobe, ulifake amanzi kancane bese unameka lapho kunesixhwazi khona, ubophe ngendwangu. Ungakubopha ubese uyalala, lelidlonzo olibophile lizodonsa yonke lento okwakumele iphume ngesikhathi ulimala, uzothi uma ususa lendwangu nedlonzo kuzobe sekunebhanyaza engathi ushiswe amanzi, uliqhumise lelobhanyaza kube isilonda esingaphandle. Usuzokugeza kuqhunyiswe amanzi ugcobe ibomvu izinsukwana nje kube sekuphola.

Utwayi
Uma ingane ihlushwa utwayi emzimbeni noma izilonda zomzimba omubi. Kunekhambi okuthiwa untangazibomvana. Lelikhambi linamanzi uma ulipitshiza noma uligxoba, ingane uyayigeza bese uyigcoba umzimba wonke ngalamanzi kantangazibomvana, luyaphela utwayi.

Isela
Uma uphethwe umkhuhlane kungabe ukhwehlela kakhulu noma usunesilonda sokuthi usulale kakhulu, kubonakala ngamehlo abamhlophe noma ashone phakathi. Enye ingane ibonakala ngokuthi uma ihlala ngezinqe ilokhu itsheka ilala, bese beyibheka ogogo beyilalisa ngesisu, bayibheke ezibunu noma ezinqeni, bese bekha ikhambi okuthiwa unsukumbili, ngempela kuthatha izinsuku ezimbili sesipholile isilonda asisekho ingane isiyadlala.

Ukhakhayi
Uma ingane iphethwe umama wengane uhlale nayo phakathi kwabantu abasebenzisa imithi eqinile, ukhakhayi luye lushone phakathi enganeni akudingeki ke ukuthi ukhakhayi lushone phakathi lokhu kuyingozi enkulu. Ngoba ukhakhayi lwengane luhlala lunyakaza kusho ukuphila lokho enganeni. Uma kwenzekile lashona phakathi, kuye kusetshenziswe umuthi okuthiwa isiqonqwane, lowomuthi uwuthatha uwuvalele esandleni kuwena uwupitshize kakhulu amanzi awo avuze aphume ngeminwe aye ngokuhlangana engalweni kuwe wena uconsisele kukhakhayi wengane, luyakhuphuka ukhakhayi lwengane iphile ingabe isakhala.

English Summary
Home remedies still play an important part in the lives of Zulu people especially to infants and children. In this article Nelisiwe gives a breakdown of traditional medicine that people can use at home without consulting a traditional healer to cure things like a boil, rash on the body, toothache etc.

By: Nelisiwe Hlongwane

8 thoughts on “Izindlela Zokuzelapha Ekhaya”

  1. Ngyabingelela, nginenkinga, nginezinhlungu edolweni lami elangakwesinxele. Liqale kancane manje sekuba buhlungu idolo lonke, umangabe ngilicindezela eceleni ngaphandle ubuhlungu engibuzwayo kubasengathi ngishayiwe into emalangeni Kodwa anganganaka. Sengihluleka nokwenyuka nokukwehla izitebhisi, ngisho nokuphakamisa unyawo ngingene emotweni kubanzima manje, Ingabe kubangwa yini

    Reply

Leave a Comment