Ukuganiswa komuntu Othwaliwe

Indlela ekwakuphila ngayo kuqala uma ugana Ngibe nengxoxo noMnumzane Maleza Zaphania Mgwazi kanye nenkosazane yakwa Mdabe abahlala eNanda. Bobabili ibona abangigxoxele ukuthi intombi uma igana ngokuthwalwa kuqala ukuthi kwakwenziwa kanjani. Kuqala isiko lalihlonishwa kakhulu ngendlela yokuthi kwakunezinto uma umuntu wesifazane kungamele ukuthi uzenze. Intombi kuqala yayithwalwa uma insizwa kukade iyishela ingavumi ukuyiqoma insizwa izogcina ngokuthi … Read more

South African Traditional Healers – Inyanga and Isangoma

Zulu people believe in two distinct types of traditional healers, the inyanga, who specialises in herbal medicines and potions; and the isangoma, who uses divination, mediumship, and what might be termed “psychic healing” to assist their clients. Traditional Medicine Garden In South Africa, traditional medicine is recognised by many medical aid societies. There is even … Read more

Okwenziwayo Ekhaya Ngemuva Komngcwabo

Imisebenzi eyenziwayo ekhaya ngemuva kokungcwaba ilunga lomndeni. Uma kade kushoniwe ekhaya sekuthuniwe kunemisebenzi ebakhona ukudlulisa lelofu elimnyama ebelehlele umndeni lowo. Njengoku: Owokugeza amahalavu noma ukugeza amapiki: Lomsebenzi wenziwa ngemuva kwezinsuku ezinhlanu kuya kweziyishumi azibi ngaphezulu, ngoba longasekho angase abenzele amabhadi uma bephuza ukumenzela. Umndeni ubheke inhlanhla kuye nokuhle kodwa. Uma kwenziwa umsebenzi wamahhalavu amalunga omndeni … Read more

Amashoba amhlophe

Ishoba elimhlophe lenkomo (umsila) linqunywa uma kuhlatshiwe inkomo ekhaya. Umbala omhlophe usetshenziselwa inhlanhla. Akufanele liphathwe noma ikanjani ngoba kunenkolelo yokuthi uma liphathwe ngobudedengu noma ngabantu abaningi belinyakazisa labo abasuke bemenyiwe noma bezodla leyonyama bangajuqwa izisu. Ishoba liphathwa ngesizotha liyochonywa emsamo endlini yangenhla. Kuyothi uma sewedlulile umcimbi lichashwe lehlukaniswe inhlali libe lihle. Amashoba ayimvunulo yamaqhawe. Agqizwa … Read more

Ukugana Kukamakoti Asebenze Kude Nasekhaya

Ikuphi ekusuke kulindelwe komakoti abancane emzini abasebenza kude nasekhaya? Kungabe omakoti bamanje abasebancane basenza ngendlela okwakwenza omakoti bakuqala ngayo na? Uma umakoti eganile emzini uma kwenziwa umsebenzi kumele afike ngasiphi isikhathi? Uma umuntu esengumakoti, umamezala usuke esethole umsizi wakhe egcekeni futhi naye esezophumula kweminye imisebenzi eminingi ngoba sebezohlukaniselana ngayo, futhi basuke sebezobambisana kuzona zonke izinto … Read more

Okwenziwa Uma Kushone Iwele Eselikhulile

Okwenziwayo Uma Kushone Umuntu Oyiwele Izingane ezizalwe zingamawele zithathwa njengabantu abanenhlanhla ngoba babizwa ngokuthi amakhosi. Lapha sibheka udaba lokuthi kwenziwanjani uma kushona noma kwenda elilodwa, esekhulile esesigabeni sokuba nemizi yawo. UMama uMakhosazane Mdabe osilandise ngaloludaba. Ekufanele sikukhumbule ukuthi amawele athathwa njengomuntu oyedwa. Ngesintu akushiwo ukuthi umuntu oyiwele ushonile kodwa kuthiwa wendile. Ukwenda Kwewele Lokuqala Kuthiwa … Read more