Ukwazi Isikhathi Ngokubheka Imvelo (Ilanga nezinkanyezi)

Emandulo amawashi engakabikhona abantu babekwazi ukuhlukanisa izikhathi ngokubheka izinkanyezi kanye nelanga. Babeziqaphela izinkanyezi futhi beziqamba namagama ukuhambisana nesikhathi esithile. Njengokuthi: Indonsa – Lenkanyezi ephuma lapho kuqala khona usuku lokhokho ekuthiwa yiphakathi kwamabili. Kusuke sekuzokusa kanjalo futhi nezimo nezigameko zosuku olulandelayo sezizoqala, ngokuphuma kwalenkanyezi sesingasho ukuthi sekulusuku olusha. Ikhwezi – Inkanyezi ephuma entathakusa sekukhala amaqhude. Kulapho … Read more

Ukuzingela Nokudoba, Amatshezulu High School

Esikhathini sakudala ukuzingela kwakuyingxenye ebalulekile yempilo ebantwini besilisa. Babezingela ukuthola inyama kanye nokuthi basebenzise isikhumba senyamazane ukwenza okokugqoka njengamabheshu kanye nokumbatha uma belele. Kuhambe kwahamba ukuzingela kwangabe kusavunyelwa ukuthi abantu bakwenze ngoba izilwane bezincipha obekuzogcina sekwenza ukuthi zingabe zisatholakala eNingizimu Afrika. Lomthetho awubenzanga abantu ukuthi bayeke ukuzingela, baqala ukukwenza ngokuntshontsha njengokuthi bavuke ekuseni kakhulu uma … Read more

Ukusetshenziswa kwamagama eyizidlaliso kubantu

Isidlaliso igama okubizwa ngalo umuntu kodwa kungesilo igama lakhe aliqanjwe ngabazali bakhe. Amagama ayisidlaliso angasuselwa ezintweni eziningi umuntu ajwayele ukuzenza. Kuyenzeka isidlaliso sisho into embi noma enhle. Isidlaliso singathathelwa ekufinyezweni kwegama lomuntu. Isibonelo: igama uSiphelele bese kuthiwa uS’phe, uNtombizodwa kuthiwe uZodwa. Isidlaliso singathathelwa nasekufanisweni komuntu nento ethile, uma emncanyana futhi eqinile kuthiwe uZenze, uma enamehlo … Read more

Ukusetshenziswa Kwamanzi

Kuqala abantu babephila ngezinto eziyimvelo ngoba zazingekho izitolo nezindawo lapho babengathenga khona izinto ezazingabasiza baphile. Imvelo into oyifica lapha emhlabeni eyadalwa uNkulunkulu, isetshenziswa yinoma ngubani futhi ayikhokhelwa. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi izinto zashintsha ngoba kuningi okukhokhelwayo. Bathi abantu abadala babengazi ukuthi kuyofika isikhathi lapho bekhokhela khona amanzi nokuqala ukubasa umlilo sekwaba yimali ukukhanyisa endlini sekwaba yimali. … Read more

Ukukanywa kwemingcele phakathi komakhelwane behlala esigodini esisodwa

Iningi labantu uma ungalibuza ngokuthi yini umngcele futhi wakheka kanjani iningi labo lingakutshela ukuthi yilapho kusuke kuhlukana khona izindawo ezimbili ezakhelene. Futhi wenzelwa nokuthi kubelula nokuhlukaniseka kwabantu abakhele indawo eyodwa. Impela lokhu okungenhla kuyiqiniso elingephikiswe kodwa abantu abanye abangakwazi ukuthi ezikhathini zakudala umngcele wawenziwa phakathi komakhelwane bakhelene ngenxa yezingxabano ezivelayo ekuphileni. Namuhla sizogxila kakhulu kulokho … Read more

Ukujojwa Komuntu Owonile Endaweni

Ukujojwa komuntu othakatha ngemfene endaweni Ngibe nengxoxo noNkosikazi Nomusa Maphumulo ohlala endaweni yaseNanda owafika khona ngomsebenzi. Unengane eyodwa kanye nomzukulu oyedwa, wazalelwa endaweni yakaMaphumulo. UNomusa ungixoxele indaba ngokujojwa komuntu uma ebanjwe ethakatha endaweni. Ukujojwa ukudingiswa noma ukuxoshwa komuntu othakathayo endaweni. Kuqala uma umuntu ethakatha wayevamise ukuthi asebenzise imfene kanti namanje basayisebenzisa. Wayeba nemithi yokuthi umuntu … Read more