Ukwazi Isikhathi Ngokubheka Imvelo (Ilanga nezinkanyezi)
Emandulo amawashi engakabikhona abantu babekwazi ukuhlukanisa izikhathi ngokubheka izinkanyezi kanye nelanga. Babeziqaphela izinkanyezi futhi beziqamba namagama ukuhambisana nesikhathi esithile. Njengokuthi: Indonsa – Lenkanyezi ephuma lapho kuqala khona usuku lokhokho ekuthiwa yiphakathi kwamabili. Kusuke sekuzokusa kanjalo futhi nezimo nezigameko zosuku olulandelayo sezizoqala, ngokuphuma kwalenkanyezi sesingasho ukuthi sekulusuku olusha. Ikhwezi – Inkanyezi ephuma entathakusa sekukhala amaqhude. Kulapho … Read more