Ukubaluleka Kwenhlambuluko Ebantwini

Kungabe abantu bayakholelwa yini kwinhlambuluko, ikakhulukazi uma umuntu esezoshona? Abantu abaningi bakholelwa ukuthi uma umuntu esegule kakhulu sekubona ukuthi ngeke asabangcono inhlambuluko iyamkhulula umuntu ukuthi adlule kahle emhlabeni noma iyamkhulula. Kodwa lento yokuthi umuntu uyahlambuluka kwakuvamise ukuthi kwenzeke noma kwenziwe ngabantu abenza imisebenzi emibi. Imisebenzi emibi efana nokuthi uma umuntu ethakatha noma abantu bengenzanga lutho … Read more

Uhlanga Lokuthakatha

Umkhulu Makhathini wazalwa ngo 1933 ezalelwa KwaZulu. Ngenxa yokufuna ukusondelana nomsebenzi wase akha endaweni yaseNkanyezini, kwaXimba esebenzela edolobheni laseThekwini. Usixoxela ngendaba yabantu abathakathayo noma labo okuthiwa banohlanga lokuthakatha ukuthi lutholakala kanjani nangendaba eyenzeka ngakubo esakhula. Umuntu owaziwa ngomthakathi kungaba owesifazane noma owesilisa, futhi azikho izimpawu ababonakala ngazo, ngesinye isikhathi umuntu anukwe ngoba abantu bebona ukuba … Read more

UNkombose NoSihlangusabayeni

Kwasukasukela! Cosu… Kwakukhona amantombazane amabili ayezalwa ndawonye, endala kwakunguNkombose encane kunguSihlangusabayeni. USihlangusabayeni wayethandwa kakhulu ngunina kanti uNkombose yena wayengathandwa. Umama wabo wayekhonze ukusebenza emasimini, njalo uma esezohamba wayeshiya eneke amabele ebaleni athi uNkombose akawagade angadliwa izinkukhu. Wayenza njengoba etsheliwe uNkombose. Kuthe ngelinye ilanga waphinda waya ensimini washiya eneke amabele wathi uNkombose akawagade, nangempela wenza njengalokhu … Read more

Nontethelelo Makhanya Family History

Umndeni wakwa Makhanya wawuhlala Emzumbe ezansi neKwaZulu Natal. Kwakuhlala ugogo uMathangetshitshi ezalwa nguBacijile. UBacijile ezalwa ngu Ntombizoyophuza. Wasukaka lapho wazohlala kwaMaphumulo lapho kwakuhlala uBawinile ezalwa ngu Gujana ezalwa nguNtombizabanguni. Basuka lapho bazohlala eMbumbulu. Basukela eMzumbe ngenhloso yokuba bakwazi ukuzothola imisebenzi emadolobheni. Bayithola imisebenzi oMathangetshitshi benoSgujana besebenza eThekwini enkampanini enkulu. Phela lezelamani zazifundile ikhona okwaba lula … Read more

Nonhlanhla Myeza Family History

Nonhlanhla Myeza uMkhulu wami kwakungu Howard Bhekephi Myeza owayezalwa nguMfanisa Myeza. Wayezalwa intombi yakwa Maphumulo eyabizwa ngokuthi uMavakashi wasesigodini saseThafeni eTshehlophe. UMavakashi owayezalwa intombi yakwaNtuli uBazoyaphi esigodini sakwaNdaya eMbo. Ezalwa insizwa yaseThenjani uMvikelwa Maphumulo. UMvikelwa ezalwa nguMpikayise Maphumulo noBakhalelani Ndlovu esigodini saseNsongosi khona Embo. UHoward wayesezala uBajabulile, Kwazikwakhe noBongiwe. Mina ngizalwa nguBongiwe, unezingane ezintathu. UBajabulile … Read more